UPENNY NTULI UTHOLE UMSEBENZI OMUSHA EGOLI EMVA KOKUNQABA UKUVUSELELA INKONTILEKA NE GAGASI FM.

Ibe nenhlanhla enkulu intokazi yakwaMphemba uPenny Ntuli onqabe ukuvuselela inkontilela emswakazweni abesebenza kuwo ngoba ekhala ngokuthi bamthembisa amakinati. Lentokazi eyintandokazi enkulu ezinkundleni zokuxhumana ngoba ilandelwa izinkumbi zabantu emakhasini ayo ezokuxhumana, iphinde ibe umkhangisi kanye nomsakazi. Yaphumela obala yathi yona ngeke iyisayine inkontileka entsha akayinikwa umsakazo ozinze kweleMbube iGagasi FM lapho babemthembise ukuthi uzohola iR2800 ngenyanga.

Lentokazi yakhala ngokuthi ekhaya kubo yiyo exosha ikati eziko ngakhoke ngeke yamukele amakinati omholo lawa ababemthembisa wona. Ukushiya kwakhe akubonakali ngoba kuthe kungakapheli nenyanga ememezele ukungayivuseleli inkontileka wathola umsebenzi kwaNdongaziyaduma kweminye emsakazo yesifundazwe saseGauteng owaziwa ngeJozi Fm. Lentokazi ayibanga isapholisa maseko njengoba namhlanje ngoba kuwulwesibili lomhlaka 02 kuMbasa 2024 iqalile ukusakaza kulomsakazo.

Kulomsakazi waseGoli iJozi FM lentokazi izongena ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu ngehora lesishiyagalolunye ekuseni iphume emini bebade ngehora leshumi nambili. Loluhlelo engena kuwo luzokwaziwa ngeMid-Morning Chat with Penny Ntuli. Nakhona akungatshazwa ukuthi lentokazi izofike yenze izinto eziphezulu nabalaleli bazokuthakasela ukuyilalela ngoba phela ayiseyona imfunda makhwela emsakazweni iGagasi FM liyinikile ispiliyoni.