Ubuhle bomkhaba
Emehlweni abantu bakithi abampisholo uma bekubona unesisu esikhulu bazi ukuthi uyinkinsela noma uphila impilo enhle enothile yomacaphuna kusale. Eskhathin sangaphambili uma insizwa inomkhaba nezintombi bezikuthakasela ukuyogana kubo ngoba bekholelwa ekutheni insizwa ingumacaphuna kusale.
Umkhaba: Yini okukhathazayo ngawo futhi unganciphiswa kanjani
Amafutha esisu ayinkathazo kakhulu. Emadodeni amaningi analenkinga yamafutha amaningi esiswini akhula kakhulu ngaphakathi emboze amathumbu kanye nezinye izitho zomzimba ezidlala endima ebalulekile empilweni yomunu lamafutha abizwa ngeVisceral. Lamafutha awafanini nalawa angaphansi kwesikhumba abizwa ngeSubcutaneous. Amafutha ivisceral ahamba ahambe evale izingxenye ezibalilekile.
Ubungozi bomkhaba
Ukuba namafutha amaningi esiswini kubeka impilo encupheni njengoba kunomthelela wezifo eziningi ezixina impilo. Lokhu kuhlanganisa izifo ezifana nesifo senhliziyo( heart disease), Ukukhuphuka komfutho wegazi ( High blood pressure), Isifo sikashukela ( type 2 diabetes), isifo sohlangothi (stroke), Isifo samafutha amaningi esibindini (fatty liver disease) kanye nezinye izinhlobo zomdlavuza( some cancers). Ukwanda kwamafutha esiswini kungaholela esifweni sikashukela nokungasenza sibe bucayi kakhulu, lokho kuholele ekuthini kube umqansa kakhulu ukulawula usukela egazini.
Emadodeni ukukhuluphala kanye namafutha amaningi engagcina edala umthelela omkhulu ezinguqukweni zomzimba kanye nezinkinga zocansi.Kubaluleke kakhulu ukunciphisa amafutha emzimbeni uma usuzithola ususesimeni esifana nalesi, okungadlala indima enkulu emzimbeni ukubuyisa umdlandla, ukusebenza kahle komzimba kanye nempilo enhle.
Iziphi izitho zomzimba ezilimalayo?
Amafutha iVisceral engalimaza izitho ezibaluleke kakhulu empilweni yomuntu ezilawula ukusebenza kahle komzimba:
- Inhliziyo kanye nemthambo yegazi: Umzimba omkhulu ungaba nomthelela omubi emzimbeni okungaholela ekunciphiseni umfutho wokuhamba kwegazi kanye nokunciphisa imithambo yegazi, lokho okugcina kubeka egcupheni ukusebenzakwnhliziyo
- Isibindi: ubuningi bamafutha aba ngaphakathi ivisceral lokho kukhulisa kakhulu isifo samafutha asesibindini.
- Amanyikwe (Pancreas): ukwanda kwamafutha ngaphakathi ezungeze amanyikwe kungagcina sekuvala imithambo kanye nokwenza kube nzima kakhulu ukuhamba kukashukela wegazi emzimbeni.
- Imithambo yegazi: ukuguquguquka kwezimo zomzimba kuyamaniswa nokwanda kwamafutha esiswini nokugcina kukhula amathuba okuba segcupheni kwenhliziyo.
Amadoda engayinciphisa kanjan imikhaba?
Akukho nje ukudla okukodwa, noma isiphuzo nje ongavele usiphuze bese siyakusiza ukuthi ushise wonke amafutha asesiswini. Okubaluleke kakhulu kunakho konke indlela okumele uyisebenzise ukulwa nomkhaba. Ziningi nezindlela ongazisebenzisa ekulweni nomkhaba , okumele ukuqaphele kakhulu ukudla okudlayo, kokuphuzayo kanye nokuhlale uzivocavocake njalo.
Kumele uqale unciphise ukuphuza iziphuzo ezinoshukela omningi, oswidi, ngwema ukudla okuthengwa sekuphekiwe, ukudla okuthosiwe kanye nokudla kakhulu. Khetha ukuphuza amanzi kakhulu uphinde ukudla kwakho ukwenze ngaphansi kwezinsalo, inyama engenamanoni kanye nokudla okugayeka kalula esiswini.
Kubaluleke kakhulu ukuthi uzivocavoce njalo. Uma uzivocavoca khetha okuhlanganisa kakhulu okunyakazisa umzimba kakhulu, njengokugijima, ukuhamba ibanga elide, ukushova ibhayisekili noma ukubhukuda kanye ukuziqeqesha kokuziqinisa nalokho okukusiza ekwakheni izicubu ngesikhathi unciphisa umzimba. Kuqikelele ukuthi unyusa izinga lokuhamba isikhathi esiningi kunokuhlala phansi isikhathi eside.
Ukulala okwanele kanye nokulawula ingcindezi kubaluleke kakhulu. Ukungalali ngokwanele kanye namahlalakhona egcindezi kungenza kube nzima ukulawula indlela odla ngayo okuholela ekutheni kube nzima ukunciphisa umkhaba.
Ukudla okumele ukudle
Ukudla ukudla okunempilo okuhlanganisa izithelo,imifino, ubhontshisi, ulethisu, uklolweni, amaqanda,ufish, inyama engenanoni, amakinati, izithombo kanye namafutha anempilo njengo olive namafutha kakotapeya.
Ukudla okugayeka kalula kungakusiza ekutheni uhlale usuthi iskhathi eside, bese kuthi lokhu okunamaprotein kukusize kakhulu ekwakheni izicubu. Okumele ukwenze ukugxila ekudleni okujwayelekile kodwa usebenzise izindlela ezinempilo kuphela uma ukusebenzisa, uphinde ugxile ekudleni okuzokusuthisa isikhathi eside.
Okubaluleke kakhulu ukuthi umkhaba awudingi ukuzitshwa, ngoba usuke uzokulethela izinkinga eziningi zempilo njengezifo zokukhuphuka komfuthowegazi kanye nokunyuka kukashukela emzimbeni noma zingagcina zikhande isifo senhliziyo ziphinde zivale imithambo yegazi.