OBESOLWA NGENTO AKANGAYENZANGA BAMGAXE ITHAYI BAMSHISA EPHILA.

Insizwa eneminyaka engamashumi amabili nane 24 ubudala ishawe washiswa umphakathi waphangalala khona lapho. Lesgameko senzeke endaweni iLindokuhle Phase One eGoli bahamba bayomlahla emfuleni Ivory Park. Lensizwa engu Albert Stoy wayesephathini khona ePhase One ebusuku bango 24 kuNdasa 2024,nalapho akakhetha ukushiya umcimbi wathi usayobona udadewabo ohlala bude buduze nalendawo ebinepathi.

Albert wabe esengena egcekeni okungesilona leli elihlala udadewabo ngoba wayekhe kakhulu kwezikafaro. Mebeshoke osbhinca makhasane bathi waqala wamemeza igama likadadewabo,nalokho okwenza ukuthi kuphaphame umnikazi wemiqasho. Uthe lomasitende mephumela emnyango washaya impempe abavusana ngayo nomakhelwane uma kukhona isigebengu, ngoba ezitshela ukuthi uAlbert isigebengu.

Nebala baphuma ngobuningi babo omakhelwane beza kulesigebengu esekubikwe ukuthi sikuleligceke,nalapho abafike balidinda ngomuthi wamakati laze laphangalala. Okuthe sebebona ukuthi usethule bamthatha bayomlahla emfuleni Ivory Park. Isdumbu salelibhungu sitholwe umlisa mumbe owaziwayo odayisa izitiliwuli namaphepha asendlini encane endaweni yaseLindokuhle Phase 2 nasendaweni yase Ivory Park 2. Amaphoyisa avule uphenyo mayelana nalesigameko kodwa akekho oseboshiwe.