Inkezo kaZulu

OBENGAPHANDLE NGEBHEYILI UDUTSHULWE AMAPHOYISA WASHONA EMVA KOKUTHUMBA INKINSELA YASE BENONI.

Lesgebengu sendoda besingaphandle ngebheyili emva kokuboshelwa amacala angamashumi amabili nesishiyagalolunye (29) okutshotsha,nokuduna izimoto nawokukhwabanisa. Abakwasidlodlo bamthele phansi ngezulu lezandla yaphangalala kanjalo. Uphiko lwamaphoyisa agada abathumbi emgwaqeni uN12 phakathi kweKlipriver kanye neXavier uma ungenela eGoli. Uphiko oluphezulu lwabaphenyi kanye nongoti ekulweni nobugebengu behlangene nezinkampani zonogada ezizimele balandele umkhondo walomsolwa obeyamaniswa nokuthunjwa kosomabhizinisi waseBenoni, uShamshudeen Faki. Losomabhizinisi […]

OBENGAPHANDLE NGEBHEYILI UDUTSHULWE AMAPHOYISA WASHONA EMVA KOKUTHUMBA INKINSELA YASE BENONI. Read More »

INDODANA EHLUKUNYEZWA UYISE KODWA UNINA UVIKELA UYISE NGOKUTHI UQONDISA IGWEGWE

Isihluku esinyantisa igazi esenziwa ubaba wengane yomfana lapho akayishayisa okwesilwane kodwa yena ethi uqondisa igwegwe enganeni. Izolo ngeSonto lo mhlaka 14 May 2024 abezokuphepha bapunsuzelwe izithombe zomfanyana oneminyaka eyishumi nantathu 13 ubudala ezivusa umunyu ngendlela adwetshwe ngakhona induku. Abemthombo ethembekile bathi lesenzo sokushawa kwalengane kanzima kanje lokho saqala lomfane eseneminyaka emibili nje vo ubudala. Okuthe

INDODANA EHLUKUNYEZWA UYISE KODWA UNINA UVIKELA UYISE NGOKUTHI UQONDISA IGWEGWE Read More »

KUBANJWE IMIGULUKUDU EBIQOLA ABANTU NGOKUBADAYISELA AMANGA EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA

Amaphoyisa aseTshwane abambe iqembu lemigulukudu elidume ngokudayisela abantu izinto ezingekho ezinkundleni zokuxhumana. Kubenokudubulana phakathi kwamaphoyisa kanye nalezigebengu ngaphambi kokuthi amaphoyisa ebabophe bonke labalisa. Lesigameko senzeke ngolwesihlanu 10 May 2024,endaweni ebizwa ngeWinterveld, eseTshwane esifundazweni saseGauteng. Lemigulukudu isebenzisa uFacebook ukudoba labantu ababaqolayo bebadayisele ingulube isesakeni. Okuthe kulokhu labalahla elakubo ngoba amaphoyisa aseGauteng alunwe indlebe ngomuntu ebebemdayisela iloli.

KUBANJWE IMIGULUKUDU EBIQOLA ABANTU NGOKUBADAYISELA AMANGA EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA Read More »

UKLABHE WABULALA UMNGANI WAKHE BEPHUZA.

Uklabhe wabulala umngani wakhe abekade ephuza naye utshwala. Lesgameko senzeke emijondolo yaseRiyadh, eseVerulam okuyidolobha elisenyakatho yeTheku esifundazweni saKwaZulu-Natal. Lomlisa obulawe yilensizwa ulinganiselwa eminyakeni engamashumi amathathu ubudala. Lesgameko senzeke izolo ngeSabatha, 12 May 2024,ngezikhathi zehora lesithupha kusihlwa. Umphakathi ubike ngomuntu oseshayiwe walala kabuhlungu ezimobeni lapho abeselahlwe khona, okuthe mabefika abomthetho nezimo eziphuthumayo bamthola ukuthi useyabanda. Kanti

UKLABHE WABULALA UMNGANI WAKHE BEPHUZA. Read More »

KUDUNWE ILOLI NAMATEKU AKWA ADIDAS INTENGO YAWO ELINGANISELWA EZIGIDINI EZIYISIKHOMBISA ZAMARANDI (R7M)

Kutshotshwe amaketi ohlobo lwe Adidas alinganiselwa ezigidini eziyisikhombisa zamarandi (R7 Million) ngeskhathi kudunwa iloli nenqola yalo ebigcwele iphuphuma amabhokisi analoluhlobo lwamaketi. Umnikazi welolo uthinte uphiko lwezokuphepha olwaziwa ngeReaction Unit South Africa phecelezi ( RUSA), izikhathi bekuyoshaya ihora lesine ntambama ngolwesithathu,08 May 2024. Ube esebabikela ukuthi usethole imibiko yokuthi inqola yeloli lakhe ebeliduniwe, lapho belilayishwa okuyibanga

KUDUNWE ILOLI NAMATEKU AKWA ADIDAS INTENGO YAWO ELINGANISELWA EZIGIDINI EZIYISIKHOMBISA ZAMARANDI (R7M) Read More »

UJABULANI KHUMALO BEZAMA UKUKETULA UMONGAMELI WEMK UJACOB ZUMA KODWA ABOKHETHO BAMCHITHA

Kuvela imibiko eminingi ekuseni namhlanje ngoLwesibili, 07 kuMbasa 2024, ezinkundleni zokuxhumana nalapho biveza ukuthu ongumsunguli weqembu leMK umnumzane Jabulane Khumalo ubhalele inhlangano yokwetho kuleli LaseNingizimu Afrika. Legcwadi bithi akwehle uMsholozi ekubeni ubuso benhlangano aphinde abe umholi wenhlangano ngoba zibheke okhethweni. Inhlangano yokhetho eyaziwa nge Independent Eletroral Commission (IEC) ikuqinisekisile ukuthi wonke lamahemu hemu abekhona ngencwadi

UJABULANI KHUMALO BEZAMA UKUKETULA UMONGAMELI WEMK UJACOB ZUMA KODWA ABOKHETHO BAMCHITHA Read More »

KUDUTSHULWE KWABULAWA INDODA EMAWOTANA ENANDA IYONGENA KWAYO.

Kubulawe umuntu ngesihluku eMawotana esendaweni yaseNanda eyilokishi eliseNyakatho yeTheku esifundazweni kwaZulu-Natal. Lomlisa oneminyaka engamashumi amathathu nambili 32 ubudala udutshulwe ehamba emgwaqeni okhuphukela emzini wakubo. Imbangela yokudutshulwa kwakhe ayaziwa ngoba nabadubulile babalekile bangatholakala kanye nesbhamu abadubule ngaso naso asitholakalanga. Amaphoyisa afikile endaweni yesigameko acosha ubufakazi kanye nabazwile ukuqhuma kwesibhamu nakubake ungekho umkhondo olandelelekayo. Umphakathi waseMawotana uthi

KUDUTSHULWE KWABULAWA INDODA EMAWOTANA ENANDA IYONGENA KWAYO. Read More »

UBOSHIWE UMLISA OWADLWENGULA INDODAKAZI YESINQANDAMATHE SAKHE.

Umlisa onamashumi amathathu nantathu 33 obudala waseLimpopo osolwa ngokunukubeza ngokocansi indodakazi yesinqandamathe sakhe eneminyaka eyishumi nanhlanu 15 ugcine etholakele wase ekhalelwa amasongo kasgonyela. Lempicabadala yomshophi wenzeka nyakenye ngenyanga kaNdasa kwaphinda kwenzeka nangoNhlangulana 2023 endaweni iSpitspunt Village. Ngokwembiko kuthiwa undodakazi noyisisulu kulendaba utshele unina ngalesigameko kulonyaka ngeSonto, 28 April 2024, emva kokuthi kube khona ukuxabana phakathi

UBOSHIWE UMLISA OWADLWENGULA INDODAKAZI YESINQANDAMATHE SAKHE. Read More »

SEKUSHONE ABESIFAZANE ABABILI KUSHAYISANA ITEKISI NEMOTO ENCANE EVERULAM.

Namhlanje ekuseni ngoLwesibili, 30 kuMbasa 2024,ngezikhathi zasekuseni, sekushayisane itekisi ebiphuthumisa abantu emsebenzini kanye nemoto encane. Lengozi yenzeke kuOld Main Road Ottawa okuyindawo esedolobhene elincane ngaphandle kweTheku okuyi Verulam esifundazweni saKwaZulu-Natal. Abophiko lwezokuphepha komphakathi nabezimo eziphuthumayo bagasele khona ngezikhathi zasekuseni emva kokuthi bethintiwe ngalengozi eyenzeke kuleyandawo. Bafike bathola imizimba yabesifazane kulekhumbi kanyeke nabanye abantu abayishumi nanhlanu

SEKUSHONE ABESIFAZANE ABABILI KUSHAYISANA ITEKISI NEMOTO ENCANE EVERULAM. Read More »

USINDE NGOKULAMBISA OSOMABHIZINISI OBEDUNTULWA OTTAWA-KZN

Umlisa ongumacaphuna kusale usesinde bethi bamuqeda ngezulu lezandla. Kubikwa ukuthi amadoda abehlome ezingovolo avulele ngenhlamvu imoto yomlisa ongusomabhizinisi ngeskhathi ephuma kwakhe ngemoto le esesithombeni enombala obuhlaza, endaweni yaso Ottawa eduze neVerlum esifundazweni saKwaZulu-Natal. lenhlekelele yenzeka manje ekuseni ngezikhathi 10:38 ngoba kuwuMsombuluko,29 kuMbasa 2024. Kubikelwe abomthetho ngesibhamu ebesiqhuma, kwaphuthuma ithimba leReaction Unit kanye namaphoyisa nalapho okusolwe

USINDE NGOKULAMBISA OSOMABHIZINISI OBEDUNTULWA OTTAWA-KZN Read More »