AMAHOLIDI EPHASIKA AWABANGA MAHLE KWENINYE IMINYENI.

Amaphoyisa aseThohoyandou athungatha owesilisa kulandela ukudubula ebilale unkosikazi wakhe enzonzweni yephasika. Lesgameko senzeke endaweni yaseMakonde egodini iShandani ngeSabatha, 30 kuNdasa 2024, ngezikhathi zehora lesithupha kusihlwa. Umkhwenyana ufike lapho unkosikazi wakhe onamashume amane nanhlanu 45 ebebambe khona inkonzo yephasika wamdubula.

Kubikwe ukuthi lomsolwa ufike wangena endaweni ebinenkonzo lapho bekusontwa khona ngephasika waqhulula unkosikazi wakhe ngentululwane yezinhlamvu,nokuholele ekutheni lomzalwane ephangalalele khona lapho enkonzweni. Lomsolwa yena ongaziwa iminyaka yakhe ube esecela empunzini emva kwalesigameko, nalapho akabaleke khona ngemoto empunga sasiliva yakwaToyota yohlobo lweCorolla.

Namanjeke akekho owazi imbangela yokuthi kungani lomlisa efike wabulala umkakhe endaweni yokudumisa. Kubonakala kuwudlame lokhlukumezwa kwabantu besifazane olwenzeka emzini yabantu. Umphathi wamaphoyisa unused bonke abantu ukuthi bewuhlabe bewulawule uma bebona loluhlobo lwemoto noma abanolwazi lwalomlisa .