UMALUME UDLWENGULE INGANE ENEMINYAKA EMIHLANU

Indoda ethutha izingane zesikole abadume ngomalume unukubeze ngokocansi ingane eneminyaka emihlanu ubudala. Lesgameko senzeke ngoMsombuluko mhla ziyisishiyagalombili 08,kuMbasa 2024 endaweni yaseHlabine esifundazweni saseLimpopo. Lomlisa oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalolunye (39) ube eseboshwa ngolwesibili esteshini samaphoyisa iMaake esikhona endaweni yaseHlabini.

Lomlisa kubikwa ukuthi wayidlengula lengane ngesikhathi ezilande eskoleni. Kuthiwa uzihambise emakubo zonke ezinye izingane wase esala nalena akayidlwenfulile,nalapho owabe esepaka imoto eceleni komgwaqo wabe esenukubeza lomntwana khona phakathi emotweni. Okuthe meqeda wasabisa ingane ukuthi ingayithi vu lento eyenzekile,okuthe ingane mayifika ekhaya,wabe esetshela unina ngalesigameko.

Kube sekuyovulwa icala elibe selidluliselwa eminyangweni ehlukahlukene okuyi Family Violence, Child Protection kanye neSexual Offenses Unit ukuze beqhubekele phambili ngaloluphenyo. Lomlisa ongumsolwa waboshelwa ekhaya kubo khona endaweni yaseHlabini. Izolo uvelile enkantolo kaMantshi iNaphuno,nalapho icala lihlehliselwe ulwesine lomhlawe 18 kuMbasa nalapho akayobe esefaka nescelo sebheyili.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *