AMAPHOYISA ASEBOPHE ABAYISITHUPHA ABEYAMANISWA NOKUDUNWA KUPHINDE KUBULAWE UMDLALI WEKAIZER CHIEFS

Ithimba ebeliqokwe uCommissioner Lieutenant General Tommy Mthombeni wesifundazwe saseGauteng, ukuba lithungathe liphinde libambe imigulukudu eyaduna imoto yomdlali weKaizer Chiefs yaphinde yamubulala. Labasolwa abayisithupha balandeliwe bazebatholakala eSlovoville,eSoweto,namhlanje ekuseni ngoLwesithathu, zi10 kuMbasa 2024,nalapho beboshelwe khona kwaphinde kwatholwa nemoto. Imoto kodwa itholakale izicuyiwe sekusele igobhozi.

Labasolwa abatholakele kusolakala ukuthi bayigxenye yeqembu lemigulukudu eduna izimoto esifundazweni saseGauteng, nokukholakala ukuthi baningi abasengaphanhle okumele betholakale nabo bekhalelwe amasongo kasgonyela. Nomake imininingwane yabosolwa ababoshiwe ingakadalulwa kodwa bona bazolinda ezitokisini kuze kube ukuthi bavela enkantolo kaMantshi.