IQEMBU Le ANC LEHLULEKILE UKUVIMBELA IMK UKUSEBENZISA UMKHONTO

Inhlangano ebusayo kuleli laseNingizimu Africa okuyiAfrican National Congress (ANC) ihluleke yancama ukuvimbela iqembu Elisha elaziwa ngoMkhonto Wesizwe Party (MKP) neliholwa owabe enguMongameli wezwe kanye nayo inhlangano kaANC. ANC bifake icala enkantolo enkulu yaseThekwini ikhala ngokuthi lomkhonto ofakwe ileliqembu likaMsholozi uwuphawu lwabo oludala abaziwa ngalo.

Inkantolo enkulu yaseThekwini ilichithile icala nezindleko zalo, yathi umkhonto awuqhubeke usebenzise uphawu ngoba luhluke kakhulu kunalolu obelusetshenziswa iqembu elibusayo. Lempumelelo ilethe injabulo enkulu kubalandeli nabathandi beqembu, ngoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke. Nalapho abalandeli bakaMsholozi bashaye iziqubulo Bacula ngaphandle kwenkantolo bejabulela ukunqoba icala.

Ngenyanga eyedlule, iqembu leANC lakhala ngaphansi lapho lalimangalele lona leliqimbu leMK babekhala ngokuthi iga ngelabo nalapho labalahla icala. Kwaphinda kwangena leli lophawu ngoba nalo seliphunde labalahla. Izinkani sezingenyanga ezayo lapho okuyobe sekubonakala ukuthi iyiphi eyogoba uphondo okhethweni lukazwelonke ngoba iningi labalandele baMK kuyaziwa ukuthi basuka eqenjini elibusayo lokho kuzowufaka kakhulu usawoti esilondeni seqembu elibusayo ikakhulukazi esifundazweni saKwaZulu-Natal naseGauteng ngoba iMK ibonakala inamandla kulezondawo.