UGWETSHWE ODILIKA JELE ABABILI UMSHAYELI KABOLT/UBER NGOKUDLWENGULA EPHINDE ETHUMBE ABAGIBELI BAKHE.

Umshayeli wezimoto ezincane ezithutha abantu oUber/Bolt, uEmmanuel Mudau oneminyaka engamashumi amathathu (30) ubudala ugwentshwe odilika jele ababili ebhadla ejele ngezenzo zakhe zobulwane lapho ebedlwengula aphinde ethumbe abagibeli. Lelicala likaModau lihlanganisa abantu abane akabahlukumeza ngokuzitika ngocansi kubo emva kokubathumba. Lempicabadala yesigameko enzeka ngonyaka 2023 enyangeni kaMasingana noNhlolanja.

Lesenzo salomlisa sishiye umphakathi ushaqekile futhi uzibuza uziphendula ngokuphepha kwawo, njengoba abantu abaningi besebenzisa lezimoto ukuhamba izindlela ezicezile emizileni yamatekisi,nokugcina kubafakela amanzi ngomsele kulezelelesi ezishayela lezimoto. Lomlisa wakwaMudau lokona kwakhe wayekwenza ngenhloso ngoba kubukeka engathi wayegaqela kakhulu abantu owayebathatha endaweni iCosmo City, eKwandongaziyaduma (Johannesburg).

Ukugwetshwa kukaMudau labodilika jele ababili ebhadla ejele bathi abantu abanele ngoba behlukumeza abantu ebe ethi usemsebenzini wakhe. Lokhu sekuveze ukuthi abantu kumele benake abantu abasuke begibela kubo,uma umuntu ebize imoto inombolo yepleti lemoto kumele ifane nemoto ebhaliwe kanye nomshayeli kube uye lo osuke evela kwimninigwane yemoto, ngoba izigebengu eziningi zisebenzisa lezimoto ukufeza izidingo zazo zobugebengu.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *