KUGASELE OKLEBE EMZINI KASOMLOMO WEPHALAMENDE UNOSIVIWE MAPISA-NQAKULA ASHAQA IMPAHLA.

Kugasele amaphoyisa aziwa ngoklebe (hawks) emzini kasomlomo wephalamende wakuleli,kulandela izinsolo zokwamukela amantshontsho ngesikhathi esewuNgqongqoshe wezokuvikela nokuphepha kulelizwe. Nokwenze amaphoyisa aye emzini wakhe ukuyoziphenyela ukuze etholo noma yini engawaholela ekutheni bethole obunye ubufakazi obunqala. Alikabibikho icala eselivuliwe ngokusemthethweni elibhekene nosomlomo.

UMapisa-Nqakula usolakala ukuthi ngesikhathi esenguNgqongqoshe wamasosha wagwazisa osonkontileka imali elinganiselwa ezigidini ezimbili zamarandi(R2 million). Noma kungakacaci ukuthi wabakhokhisa ndlelani labosonkontileka owayethatha intshontsho kubo kodwa khona sekusobala kuhle kwezinqe zengane ukuthi yasebenzisa isikhundla sakhe ukuzizuzela yena kanye nomndeni wakhe

Abaholi bamanye amaqembu bathi akaboshwe ukuze ezosuka ephalamende ngoba akadongeki umuntu okhohlakele kuleyandawo. Nomake lezinsolo zisafufusa kodwa zibukeka zibicayi kakhulu kumuntu owusomlomo wephalamende, nalokho okuyinto ezophoqa iqembu lakhe okuyi ANC nomongameli wezwe ukuthi bemumise noma bemunike ikhefu ngesikhathi kusaqhubeka loluphenyo.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *