KUDUNTSHULWE ABALISA ABATHATHU ESHOWE ABASOLWA NGOKUBA IZINKABI.

Izolo ngoLwesine ntambama, 21 kuNdasa 2024 kudunsulwe kwabulawa abesilisa abathathu abasolwa ngokuba izinkabi.Kuthiwa yibona abaqale badubula amaphoyisa,asevele eyfaka enyameni inhlamvu kubo bonke base bephangalala khona lapho endaweni yesigameko.

Amaphoyisa asesifundazweni KwaZulu-Natal wophiko olwaziwa ngeProvincial Stabilization Team asebenze ngobukhulu ubuchule ukuthola abasolwa abebehlome bezingovolo nokusolakala ukuthi bebesendleleni eyosonconga omunye umuntu njengoba phela bezinkabi baboshelwa ejokeni lokubulala abantu. Lamadoda avinjwe eduze nelokishi laseShowe iKing Dinuzulu, nalapho abakwasidlodlo beshawe uphawu lokubamisa. Abasolwa bavele bacela empunzini ngayo imoto yabo kanti namaphoyisa azobalandela eduze ngejubane.

Okuthe uma amaphoyisa esebafica nabo sebebona ukuthi babanjiwe kuvele kwaphuma abathathu emotweni yabo nalapho abaqhulule amaphoyisa ngenhlamvu. Abakwasidlodlo ababuzanga elangeni nabo babe sebesebenzisa ezabo izibhamu nokuholele ekutheni lamadoda amathathu edubuleke kanzima aze aphangalala khona endaweni yesigameko. Iphoyisa elilodwa lilimale kanzima ngesikhathi sokudubulana nalo libe seliphuthunyiswa esibhedlela.

Ezibhamini ezitholakele kulezindizwa esinye sazo sisusiwe inombolo etshengisa umnikazi wesbhamu. Sebevula imoto bathole inqwaba yezinhlamvu kanye nezinye izikhali kuyo lemoto yabasolwa. Okuthe kusabhekwa khona emotweni kwatholakala ibhomu lesandla ( hand grenade) nezinye izibhamu ezinkulu. Abasolwa ababili bahlonziwe amagama abo kube sekuvela ukuthi babandakanyeka kakhulu ekubulaweni okuhlangene nabamatekisi namanye okuzama ukubulala kuso isifunda iKing Cetshwayo.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *