UBOSHIWE UMLISA OWADLWENGULA INDODAKAZI YESINQANDAMATHE SAKHE.

Umlisa onamashumi amathathu nantathu 33 obudala waseLimpopo osolwa ngokunukubeza ngokocansi indodakazi yesinqandamathe sakhe eneminyaka eyishumi nanhlanu 15 ugcine etholakele wase ekhalelwa amasongo kasgonyela. Lempicabadala yomshophi wenzeka nyakenye ngenyanga kaNdasa kwaphinda kwenzeka nangoNhlangulana 2023 endaweni iSpitspunt Village.

Ngokwembiko kuthiwa undodakazi noyisisulu kulendaba utshele unina ngalesigameko kulonyaka ngeSonto, 28 April 2024, emva kokuthi kube khona ukuxabana phakathi kukanina kanye nomsolwa oyisoka likanina. Nalapho okuvele khona ukuthi lomlisa mumbe useyidlungule izikhathi zaze zambili lendodakazi yesthandwa sakhe. Ithe ingane okokuqala wamdlwengula ngeskhathi unina ehambile waya ezitolo wabashiya bodwa kanti okwesibili unina wayesemsebenzini.

Okuthe uma ingane ibikela unina ngemigiligwane eyenziwa isoka likanina, umsolwa akaphikisanga lutho uvele wacela empunzini wangaziwa ukuthi ubalekelephi. Kuthe sekubikelwe amaphoyisa ngalesgameko abe esevula icala lokudlwengula, elivulela umlisa. Icala libe selidluliselwa emnyangweni ebhekelele ukuhlukumezeka kwabantwana endaweni eyaziwa ngeGroblersdal Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit,ukuze nabo beqhubeke nophenyo lwabo.

Ngomsombuluko mhlaka 29 April 2024, kutholakale umkhondo wokuthi lomlisa ucashephi nalapho akalandelwe watholakala khona waboshwa ekubhaceni kwakhe endaweni yase Lefiso Village. Kulindeleke ukuthi evele enkantolo kaMantshi iSiyabuswa ngecala lokudlwengula ngoLwesine, 02 May 2024.