SEKUSHONE ABESIFAZANE ABABILI KUSHAYISANA ITEKISI NEMOTO ENCANE EVERULAM.

Namhlanje ekuseni ngoLwesibili, 30 kuMbasa 2024,ngezikhathi zasekuseni, sekushayisane itekisi ebiphuthumisa abantu emsebenzini kanye nemoto encane. Lengozi yenzeke kuOld Main Road Ottawa okuyindawo esedolobhene elincane ngaphandle kweTheku okuyi Verulam esifundazweni saKwaZulu-Natal.

Abophiko lwezokuphepha komphakathi nabezimo eziphuthumayo bagasele khona ngezikhathi zasekuseni emva kokuthi bethintiwe ngalengozi eyenzeke kuleyandawo. Bafike bathola imizimba yabesifazane kulekhumbi kanyeke nabanye abantu abayishumi nanhlanu 15 sekubalwa nomshayeli weToyota Quantum emhlophe nabo bese belele uyaca eduze komgwaqo lapho okwenzeke khona lengozi.

Bude buduze nabo bekunemoto yohlobo lweFord Everest ebime ibanga elingamashumi ayisikhombisa wamamitha (70 meters) . Umshayeli uye kuphela kulemoto okwaze ukuphuma kulemoto engenamyocu kwazise laba ababili besifazane abashonile bebegibele kuyo lemoto.

Obengumgibeli kulelitekisi elilimele elandusela abomthetho uthe umshayeli wabo bezama ukudlula izimoto, othe mesika wazithela kulemoto yeFord Everest ebiphambana nabo nayo iya kwenye indawo. Kuyo lenhlekelele kubikwa ukuthi bekunowesifazane onezinyanga eziyisithupha ekhulelwe,naye uthole ukulimala kabuhlungwana.