KUDUTSHULWE KWABULAWA INDODA EMAWOTANA ENANDA IYONGENA KWAYO.

Kubulawe umuntu ngesihluku eMawotana esendaweni yaseNanda eyilokishi eliseNyakatho yeTheku esifundazweni kwaZulu-Natal. Lomlisa oneminyaka engamashumi amathathu nambili 32 ubudala udutshulwe ehamba emgwaqeni okhuphukela emzini wakubo.

Imbangela yokudutshulwa kwakhe ayaziwa ngoba nabadubulile babalekile bangatholakala kanye nesbhamu abadubule ngaso naso asitholakalanga. Amaphoyisa afikile endaweni yesigameko acosha ubufakazi kanye nabazwile ukuqhuma kwesibhamu nakubake ungekho umkhondo olandelelekayo.

Umphakathi waseMawotana uthi lokhubulawa kwabantu kuleyandawo sekwaba insakavukela umchilo wesdwaba,kujike kungatholakali muntu kuphinde kungaboshwa muntu. Nokugcina kushiya umphakathi wakulendawo uhlalele ovalweni lokusabela izimpilo zabo. Ngoba kusolwa ubugebengu obubhebhethekayo endaweni abayakhele.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *