USINDE NGOKULAMBISA OSOMABHIZINISI OBEDUNTULWA OTTAWA-KZN

Umlisa ongumacaphuna kusale usesinde bethi bamuqeda ngezulu lezandla. Kubikwa ukuthi amadoda abehlome ezingovolo avulele ngenhlamvu imoto yomlisa ongusomabhizinisi ngeskhathi ephuma kwakhe ngemoto le esesithombeni enombala obuhlaza, endaweni yaso Ottawa eduze neVerlum esifundazweni saKwaZulu-Natal.

lenhlekelele yenzeka manje ekuseni ngezikhathi 10:38 ngoba kuwuMsombuluko,29 kuMbasa 2024. Kubikelwe abomthetho ngesibhamu ebesiqhuma, kwaphuthuma ithimba leReaction Unit kanye namaphoyisa nalapho okusolwe ukuthi lemigulukudu bizama ukuduna imoto yalosomashishini. Okuthe ithimba lezokuphepha lingakafiki esigamekweni,lathola umbiko yokuthi usomabhizini obeyisisulu sokudutshulwa ukwazile ukuphunyuka abaleke nalapho akaye endaweni ephephile eseMt View.

Ithimbe lezomthetho libe seliya kuye obekungamalunga ophiko iReaction Unit of South Africa kanye namaphoyisa aseVerulam lapho abesekhona eMt View. Okuthe mebelumana imilomo nalosomabhizinisi ngokwenzekile wabachazela amadoda abehamba ngemoto emhlophe avele avulela ngenhlamvu ngeskhathi ebephuma egcekeni. Bashaye isondo langaphambili,iwindi lomnyango kanye nesibuko nokwenze ukuthi loluhlangothi lwesinxele lwemoto lulimale kakhulu ngaleskhathi bemhlasela.

Losomabhizinisi uthole ukulimala nokwenze waphuthunyiswa emtholampilo ukuyothola ukuhlengwa nokulashwa okufanele, kanyenabanye abantu ababili abehamba nabo, nabo abathole ukulimala.