SEKUBOSHWE IZINSIZWA EZIYISITHUPHA OKUTHIWA BEZISENDLELENI YOKUYOROBHA ESANDTON.

Amaphoyisa avimbe imoto yenkampani yabathumeli zimpahla kanye neveni lakwaToyota ebelinamadoda ayisithupha abehlome eyizingovolo nokusolakala ukuthi abesendleleni eyophanga endaweni yaseSandton, ekwaNdongaziyaduma. Lesgameko senzeke khona namhlanje ngeSonto, 24 kuNdasa 2024.

Labasolwa batholwe nezibhamu ezinkulu ezimbili ezinomagazini abagcwele izinhlamvu kanye nezincane ezintathu nazo ngokunjalo omagazini bebegcwele bephuphuma. Amaphoyisa alunye indlebe ngalomshikashika obusuhleliwe walezigebengu eziyobamba inkunzi kwaNyamakayipheli kuphela amazinyo endoda, nokuthi zisebenzisa imoto yabathumeli zimpahla nokuyilokho okusize abakwasidlodlo ukuthi kube amanzi amancane ukubabamba.

Amalunga amaphoyisa aseGoli olubizwa ngeFlying Squad abe esenkanisa kuyo yonke imigwaqo emikhulu yaseGoli, nalapho ababone khona izimoto ezimbili ezifana ncamashi nalezo abatshelwe ngazo zihamba emgwaqeni uN1 eNingizimu. Abe esebahlala ezithendeni labasolwa baze bafika kuM1 eNingizimu eSandton,nalapho abe,esemise khona lezimoto, obekuyiveni lakwaFord elihlobe nemibala yenkampani yabathumeli nalapho ebishayelwa umsebenzi wakhona kulenkampani yabathumeli kanye neveni elimhlophe lakwaToyota eliyidouble cab.

Zombili lezimoto ziphenyiwe nalapho kutholakale khona izibhamu ezinkulu ezimbili kanye nezintathu ezincane. Bonke labasolwa bosthupha bakhalelwe amasongo kasgonyela bavulelwa amacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nokuhloma ngenhloso yokwenza ubugebengu. Lezibhamu zizohanjiswa kongoti beyozihlola ukuthi mangaki amacala esezawenza kanye nabantu esezababulala.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *