KUBANJWE IZINYOKA NEThusi (COPPER) ELINGADAYISWA R500 000.

Ngolwesithathu, zingamashumi amabili (20) kuNdasa 2024 uphiko lwamaphoyisa olwaziwa nge Economic Infrastructure Task Team (EITT) ilunywe indlebe ngeloli ebeligcwele izintambo zikagesi zethusi(copper cables) ebelihamba libheke endaweni yaseMbilo maphakathi nedolobha laseThekwini, KwaZulu-Natal.

Abe esegasela khona ngokukhulu ukuphuthuma nalapho alibonile leliloli abatshelwe ngalo nebala balivimbile balimisa. Babe sebefaka imibuzo umshayeli kanye nabekade ehamba nabo, nebala bakuqinisekisile ukuthi bahambisa izintambo zikagesi ezihlutshiwe zethusi. Baphinde basbo nendawo lapho ebebelayishela khona leloli yabo lelithusi. Amaphoyisa abe esebheka kulendawo ukuthi ngabe konke kuhamba ngokusemthethweni yini. Lana bafice izinsizwa ezimbili ezimpisholo ngokwebala ezilinganisela emnyakeni yobudala omunye unamashumi amabili nesishiyagalolunye (29) omunye amashumi amane nane( 44) babeke sebekhalelwa amasongo kasgonyela labambemu bavulelwa icala lokubulala nokudicilela phansi izinqalasizinda, ukutholakala nezinto ezitshotshiwe kanye nokweba.

Leliloli lishaye esikalili amathani 3.5 ezintambo zikagesi ezihlutshiwe zethusi, kwatholakala nesikali sikagesi. Okuthe sekubalwa intengi yalelithusi elitholakale kulabalisa kwaba R500 000 okuyigxenye yesigidi. Labalisa bazovela enkantolo maduze ngamacala abathweswe wona ngalesigameko.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *