UJABULANI KHUMALO BEZAMA UKUKETULA UMONGAMELI WEMK UJACOB ZUMA KODWA ABOKHETHO BAMCHITHA

Kuvela imibiko eminingi ekuseni namhlanje ngoLwesibili, 07 kuMbasa 2024, ezinkundleni zokuxhumana nalapho biveza ukuthu ongumsunguli weqembu leMK umnumzane Jabulane Khumalo ubhalele inhlangano yokwetho kuleli LaseNingizimu Afrika. Legcwadi bithi akwehle uMsholozi ekubeni ubuso benhlangano aphinde abe umholi wenhlangano ngoba zibheke okhethweni.

Inhlangano yokhetho eyaziwa nge Independent Eletroral Commission (IEC) ikuqinisekisile ukuthi wonke lamahemu hemu abekhona ngencwadi ebhalwe uKhumalo beyiqiniso. Bayitholile incwadi ebhalwe uJabulani Khumalo ngaphinsi kweMK ngokusho kwakhe. Kulencwadi uKhumalo bephoqa ukuthi ikhomishini yokhetho isuse uZuma njengo buso beqembu woMkhonto Wesizwe kanye nokuba uMongameli.

Inhlangano yokhetho ibe isiziqelanisa nescelo sikaKhumalo yathi yona ayingeni ezindabeni zamaqembu ezombusazwe. Ngokwamaphepha abhalwe phansi asayinwa uMnumzane Jacob Zuma uyena obhaliswe njengomholi weqembu leMK. Lokhu kwenzeka ngenyanga eyedlule mhla zi10 April 2024.