USEXOLISILE UDUMA NGOKUNGAZIPHATHI KAHLE KWAKHE PHAMBI KWESILO SAMAZULU LAPHO BELWISA UNDUNANKULU KAZULU.

Usihlalo kaANC kwaZulu-Natal uSiboniso Duma usexolisile eSilweni uMisuzulu kaZwelithini nakumongameli wezwe uCyril Ramaphosa oveze lesenzo sikaDuma njengokuphehla udlame emaqenjini ezepolitiki esifundazweni, nasezweni lonkana. Lokhu kulandela isgameko esibe khona phakathi kukaNdunankulu kaZulu umfundisi Thulasizwe Buthelezi esenzeka esidlangalaleni kubuka zonke izinkumbi zabantu abebethamele umcimbi

UDuma uzifakele amehlo abantu kanye nesigcwagcwa kwabanye ngeskhathi ethatha umbhobho kuNdunabkulu wamaZulu okunguButhelezi esakhuluma,lokhu kwenzeke endweni yasoLundi,esgodini sakwaCeza lapho bekunomcimbi weSilo uDinuzulu kaCetshwayo.

UButhelezi enkulumeni yakhe yokwamukela iSilo,ube esegxeka uhulumeni wesifundazwe ngakubona ungakwenzi kahle endlunkulu wathi meqhubeka uthe nje mephimisa igama likanobhala weANC esifundazweni uBheki Mtolo, uDuma wasukumisa okombani wadonsa umbhobho nalapho akathe “uyamosha” umcimbi nalapho umcimbi ophenduke inxabano yosopolitiki.

Esekhuluma nabezindaba base Newsroom Afrika, uDuma uthe uButhelezi,ophinde abe yilunga leIFP eselimnkantshubomvu kanye neMeya yaseZululand usezinhlelweni zokudicilela phansi ubuholi bukaANC futhi uyahluleka ukuthi engayifaki ipolitiki abe phakathi nendawo njengoNdunankulu kaZulu.

” Ukuhlala kokugcina esishayamthetho saKwaZulu-Natal Thulasizwe wagabavula kweqa ngoba waze wahamba lapho kwakungamele ehambe khona,nokwasishiya sibambe ongezansi. Nakwisishayamthetho wakhuluma kabuhlungu ngomunye welunga lethu, uPhumuzile Zulu kodwa ozakwethu ababekhona basilungisa lesosimo”

uDuma uthe uButhelezi akahambi ezinyaweni zikaNdunankulu ongasekho umntwana wakwaPhindangene nongumsunguli weqembu leIFP inkosi Mangosuthu Buthelezi ngoba yena wayengachemi uma enza umsebenzi wasendlunkulu.

“Umntwana Mangosuthu wayeyiqonda kahle inqubomgomo,akukho nje lapho okwake kwathi kusemcimbini kahulumeni wagcofa abantu nomawagcona abanye abantu nokuthi aqale izinto ezidala uthuthuva emcimbini akakaze akwenze lokho. UNdunankulu umuntu okumele ehlonipheke futhi oqondayo ukuthi ngeke esebenzise amandla akhe ukulwa izimpi zepolitiki” kusho uDuma

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *