Kutshotshwe amaketi ohlobo lwe Adidas alinganiselwa ezigidini eziyisikhombisa zamarandi (R7 Million) ngeskhathi kudunwa iloli nenqola yalo ebigcwele iphuphuma amabhokisi analoluhlobo lwamaketi.
Umnikazi welolo uthinte uphiko lwezokuphepha olwaziwa ngeReaction Unit South Africa phecelezi ( RUSA), izikhathi bekuyoshaya ihora lesine ntambama ngolwesithathu,08 May 2024. Ube esebabikela ukuthi usethole imibiko yokuthi inqola yeloli lakhe ebeliduniwe, lapho belilayishwa okuyibanga elingamamitha ayishumi nambile nalapho ikhontena ilahlwe khona endaweni yaseVerulam esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Ube esedlulisela izithombe zenqola kwabophika lwezokuphepha endaweni okuyi RUSA naye akathe uzithole kumuntu obemlandisa ngaloludaba. Nalapho abophiko lwezokuphepha babuke lezithombe base belandela umkhondo obe usubafaka ku old main road olibangise oThongathi nalapho abafike bafica inqola yeloli ikhala ibhungezi.
Umnikazi weloli ube esenikezwa uyalelondlela nebala wazifikela lapho obekutholakale khona inqola yakhe. Nalapho akalandise khona ngokuthi iloli idunwe bude buduze nesiteshi. Okuthe ngokuhamba kwesikhathi yatholakala eCato Ridge khona esfundazweni saKwaZulu-Natal kodwa inqola nokuphakathi bekungabonwa nangokhasha. Ikhontena Lena bithwele amateki ayizi 6900 ohlobo lwe Adidas wonke alahlekile akutholwanga ngisho nelilodwa.
Umshayeli weloli ongowokudabuka ezweni eliwumakhelwane wakuleli iZimbabwe kubikwa ukuthi akabonwa nangokhalo ngisho bezama ukumuxhuma izigcingo zakhe zivaliwe.