UZulu wagubezelwa ifu elimnyama kukhothama iSilo sasoSuthu uDinuzulu kaCetshwayo, nalopho sikhothamela ekudingisweni kwelaseTransvaal, esiyaziwa njengesifundazwe saseMpumalanga khona lana eNingizimu neAfrika. ISilo sakhothamela eplulazi laso elalibizwa nge-Ultkyk, eMiddelburg. Usuku zazi 18 kuMfumfu 1913, kwabe sekunxuswa ukuthi abuye naye eyotshalwa emanxiweni omamamkhulu bakhe ukuze eyophumula ngesizotha. Nebala umzimba wabuyiswa wayofihlwa kwaNobamba eduze namathambo okhokho bakhe endaweni esibizwa ngMakhosini Valley.
Umlando weSilo sasoSuthu uDinuzulu kaCetshwayo kaMpande kaSenzangakhona.
INgonyama uDinuzulu wazalwa ngonyaka 1868, ezalwa iNgonyama uCetshwayo kwiNdlovukazi uNomvimbi indodakazi kaMsweli Mzimela. UMsweli Mzimela owayegqishe ohlangothini lweZigqoza empini yaseNdondakusuka eyayiphakathi kwamadodana eSilo uMpande okwakunguMntwana uCetshwayo kanye noMntwana uMbuyazwe nalapho ekaMntwana uMbuyazwe yagoba uphondo. Abalandeli boMntwana uCetshwayo babebizwa ngoSuthu kanti abakaMntwana uMbuyazwe bona bebizwa ngeZigqoza. Lempi yaseNdondakusuka ilwa nje iSilo sakwaNodwengu ingonyama uMpande wayesadla andlavana.
Emva kokukhothama kukayise iNgonyama uCetshwayo wabe esehlala esihlalweni sikayisi nakuba wayesemncane kakhulu ngoba imanyaka yayi 16 nje vo.ISilo uDinuzulu sabusa sisesncane kakhulu ingakho nembongi uma imhasha ithi ” Ithole lakokaMsweli elenyisa liguqile” lokho kuveza ukuthi wahlala esihlalweni esemcane. INgonyama uDinuzulu wathatha izintamboa mhla zinga 20 kuNhlaba 1884, kwaze kwaba ukuthi uyakhothama mhla zi 18 kuMfumfu 1913.
Ngokwesintu sakudala umuntu ozalwe uyise engakahlali esihlalweni sobukhosi wayengakwazi ukuba yinkosi noma ngabe kwakunguye izibulo kwakungavunyelwa ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi. UMntwana uDinuzulu naye wayezalwe uyise uCetshwayo engakabi yinkosi, kodwa esimeni soMntwana uDinuzulu kwakuhlukile okwakhe ngoba kwakuwuye yedwa indodana yenkosi lokhoke kakuphoqa ukuthi abekwe njengeNgonyama yamaZulu kwazise umnewabo uMntwana uManzolwandle wazalwa iNgonyama uCetshwayo esekhotheme.
Izimpi ezaliwa iSilo sasoSuthu iNgonyama uDinuzulu
ISilo uDinuzulu kaCetshwayo sabusa isizwe samaZulu ngeskhathi esinzima kakhulu lapho umbuso wawubhekene nezinhlangothi zamaNgisi namaBhunu kanye nokuhlukana phakathi kwesizwe uqobo. Izimpi ezinkulu ezaliwa yiNgonyama yamaZulu uDinuzulu zihlukaniseka izigaba ezimbili, isigaba sokuqala izimpi zangaphakathi zokubanga umbuso okwakuwumbango phakathi koSuthu noMandlakazi. kuthi isigaba sesibili kube izimpi zokumelana nesihlava sabacindezeli ikakhulukazi amaNgisi.
Uma singabheka izimpi ezimbalwa kodwa ezabanedumela elikhulu esizweni nasemlandweni kaZulu ngesikhathi seNgonyama uDinuzulukaCetshwayo.
Impi yaseTshaneni( Ghost Mountain) ngo 1884
Ngemuva kokukhothama kweNgonyama uCetshwayo izwe likaZulu lahlephulwa amacozucozu amaNgisi aba yizifunda eziyi-13, uZubhebhukaMaphitha kwaMandlakazi wanikezwa amandla amakhulu nokwakungelula neze ukuhlula uMandlakazi ngaleso skhathi. INgonyama uDinuzulu wafika nesu lokuhlula uZibhebhu nalaphp akahamba wayofuna usizo emaBhunwini. Nalaphoke iSilo sahlangana khona noBotha naye owayesemcane ngoba wayeneminyaka enga-21 obudala.EkaMamonga woSuthu eyayisizwa amaBhunu yawudlwa umhlanganiso, uZibhebhu wahlulwa kabuhlungu entabeni yaseTshaneni.
Impi YakwaCeza (1888)
kulonyaka kwakuwukuqala kokuvukela umbuso wamaNgisi ngemva kokuba umemezele ukuthi umbuso wamaZulu sewungaphansi kwawo iiNgonyama yamaZulu isifana neNduna. Lesenzo samaNgisi sasithukuthelisa kakhulu iSilo ngoba sagcina sibuthela impi yaso eNqabeni yeNgonyama kwaCeza. Impi yadumelala phakathi koSuthu namasosha amaNgisi ayehambisana namambuka awo asondela kwaCeza. Impi yeSilo yawanqoba lawo masosha kuleyompi.
Impi YakwaNdunu/nongoma (1888)
Kulempi eyayilandela eyakwaCeza, izikhulu zamaNgisi zazimbuyisile uZibhebhu ukuba azokwenza impi kwaNongoma ukuze baqede amandla oSuthu. Isilo uDinuzulu saphuma ngezinkani eNqabeni kwaCeza sadonsela impi yaso egqumeni lakwaNduna lapho eyatholana phezulu khona nekazibhebhu kanye namasosha ayezomlekelela. Ibuth lasoSutho lamshaya lamphindelela uZibhebhu namasosha akhe. Ingakho izihasho zesilo zithi ” Umagalel’agasele ngengenkosi yaMantshal, ngoba egasel’uZibhebhu kwaNdunu”.
Impi kaKhandampondo yayholwa uBhambatha (Ant-Poll Tax Rebellion(1906)
Lempi kakhanda mpondo yayiholwa iNkosi uBhambatha kaMancinza eyayiwotha ubomvu ngesinqumo samaNgisi sokufuna ukuthi wonke umuntu ekhokhe lentela yekhanda( Poll Tax). ISilo uDinuzulu sabe siyingxenye yalembi kaBhambatha kodwa ngasese. Bonke ababelwisana nalokhu babebalekela oSuthu bephinde futhi beye khona oSuthu ukuyolanda amasu okulwisana nalesihlava. Kwaise phela wonke uZulu wawugqishe neSilo sawo nakuba amaNgisi ayethi asesinqindile amandla.Lesenzo sawadina kakhulu amaNgisi ngoba ayibopha iNgonyama uDinuzulu ayidingisa iminyaka okuthe noma eseyikhipha kodwa aphinde ayidingisela eTransvaal nokwilapho eyagcina ikhothamele khona.
Ukudingiswa kweNgonyama uDinuzulu eSaint Helena (1890)
Ngemva kokuba amaNgisi ehlule iSilo uCetshwayo empin yaseSandlwana noThukela ngonyaka ka !879, ahlukanisa izwe lamaZulu ngezikhawu eziyi-13 ngokuzenzela ngenhloso yokunqinda umbuso kaZulu amandla. ISilo uDinuzulu sakhula siphakathi kwalezo zimpi zombango. Okuthe ngonyaka we-1887, amaNgisi athatha umhlaba waseZululand ngokusemthethweni. ISilo uDinuzulu sahlanganisa amabutho oSuthu ukuze silwe nalawo maNgisi nezikhulu ezazihambisana nawo njengoZibhebhu kaMaphitha. Ngenxa yalokho amaNgisi asola iSilo ngokuvukela umbuso. Abe esembopha emdingisa.
Uhambo Neskhathi eSaint Helena.
ISilo uDinuzulu safika eSaint Helena mhla zi-25 kuNhlolanja 1890 nalapho owayedingiswe khona ishumi leminyaka kodwa isinqumo sabuyekezwa emva kweminyaka eyisikhombisa okwakungu 1897. Wayevunyele ukuba ahambe nethimba labantu abangamashumi amabili. Leliqembu lalihlanganisa amakhosikazi akhe amabili okantuzwa noZihlazile, abalisa bakhe ababili uNdabukonoShingana, inyanga uPawula Mthimkhulu, abasizi kanye nabahumushi.
INgonyama ikulesiqhingo yahla ezindaweni eziningi ezahlukene okwaku yiRosemary Hall, Maldivia neFrancis Plain House. Ngokungafani nezinye iziboshwa, iSilo sasihlonishwa kakhulu abantu bendawo. Safunda ulimi lwesiNgisi, ukubhala, futhi saphinde sazifundisa ukudlala uphiyano esontweni i-Anglican. ISilo sazala uMntwana uSolomon kaDinuzulu ngonyaka wezi 1891, kwathi ezinye izingane ezimbili zeSilo zashonela khona ekudingisweni zafihlelwa khona futhi.
ISilo sabuyiselwa eNingizimu Afrika ngonyaka wezi 1897 kuZibandlela endaweni yaseShowe, sabe singasahlonzwa njengeNkosi ngokwamaNgisi kodwa njengeNduna kahulumeni. Noma kunjalo abantu bakwaZulu baqhubeka nokusihlonipha njengeSilo sabo esisemthethweni.
Izibongo zeSilo SasoSuthu uDinuzulu
UMamonga woSuthu
UMamonga kabulali uyasizila Uqotha imbokodo nesisekelo Ufana neNdlovu emnyama yasoNdini usi nkunzi zimbili Enye ngeyakwaNgenetsheni Enye ngetyaseBhanganomo.
UMgwazi kadinwa zinqapheli Iskhomo khomo esimazinga Umuzi bawuphume ehlathini Bawulabalabela. Ithole lakokaMsweli elenyisa liguqile Indaba engiyizwe ngimncane Ngaze ngakhula ngayibona ngamehlo Usifuba singungu sigungubele Nyakane sobhoboka Umuntu uyakuzizwa izindaba
Usikhipha mbila ehlathini kaCeza Kulale yena esixhotsheni UNdaba uhlom’ ehlathini Ube njengohlanya.
UMashikizela njengezulu Ephikelele kwaNdunu Umphangela langa Lingaphumi kwaNdunu Lithe Liphuma Laliphuma ngezingazi zamadoda.
Wazithath’ izihlangu zikaMandlakazi Waziphonsa eMkhuze wamumudla UMncwasimbana kaMaphitha Wamshaya phansi koludumayo Akwabandaba zalutho Wamudla uXukwana kaMaphitha Wamshaya phansi koludumayo Akwaba ndaba zalutho.
Wamudl’ uNd