Bavele Okokuqala Ndawonye eNkantolo ababulali baka Dj Warras

Bebevele okokuqala ndawonye eNkantolo ababulali baka Dj Warras nalapho icala libe selihlehliselwa umhlaka 1 kumbasa 2026 sonke leskhathi umhleli wokubulala uMajola kanye nombulali owadubula uPacula odabuka eMozambique bazoqhubeka nokudonsa ezikhindini. Kuzobe kusaqhutshekwa nophenyo olwenzeka enkabeni dolobha yeGoli mayelana nokudunwa kwezakhiyo.

Lokuhlehliswa kwecala lokubulawa kukaDj Warras ngoba kuhlehliselwe umkhaka 1 kuMbasa 2026, kwenzelwa ukunika abaseshi isikhathi esithe xaxa sokuqhubeka nophenyo lwabo lokhu kuphakamiswe INkantolo kaMantshi yaseGoli ngesikhathi laba ababili bevele khona namhlanje 11 kuNhlolanja 2026. Umshushisi ucele iskhathi esengeIwe ukuze bezoqoqa kahle bonke ubufakazi obudingekayo phambi kwenkantolo.

Umufi uWarrick Stock, odume ngelika Dj Warras nobengumsakazi aphinde abe usomabhizinisi obenenkampani yonogada ebeyibandakanwa nokulwa nalabantu abaduna amabhilidi. Wadutshula wabulawa ziyi-16 kuZibandlela 2025 ngaphande kwebhilidi I Zambezi esenkabeni yedolobha laseGoli. Ukubulawa kwakhe kwayamaniswa nempi yokulwisa kwabaduni bamabhilidi okuhlanganisa isakhiwo I Zambezi eseduze nenxanxathela yezitolo iCalton Centre.

Abasolwa nguVictor Mthethwa Majola( 44), ongusomatikisi ozinze eSoweto nokuyena osolwa njengongqondongqondo ekwakheni itulo lokubulala uDj warras nalapho aqasha ibhungu eliwu-Aemindo Joaquim Jacula(25), odabuka ezweni laseMozambique okwilona elaliyinkabi eladubula. uMajola usazohlala ekhulukuthu emuvu kokubhuntsha kwemizamo yakhe yebheyili ngenyanga eyedlule, kanti uPacula wayinqaba yena ibheyili waphinde wenza isivumelwano nabimthetho sokuvuma icala

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *