USenzo Mchunu Uwanikele Kwabakwasidlodlo Wonke Amadivayisi Akhe.

Umphathi wamaphoyisa kuzweloke laseNingizimu Africa uMnumzane Senzo Mchunu osasekhefini ngomyalelo kaMongameli wakuleli uCyril Ramaphosa emva kokuthi igama lakhe livele enkulumnweni eyathusa abaningi eyakhulunwa uGenene wamaPhoyisa esiFundazweni sakwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi.

Ngohla zi_5 kuNtulikazi 2025 uMkhwanazi wabamba inkulumo nezithangami lapho kwakugcwele izintatheli nabantu bonke bezwe laseMzansi bebuka, nalapho akenza izinsolo ezinqala ezibhekise kuMchunu lapho wayemsola khona ngokusebenzisana nezelelesi, naphinde wahlaba isnqumo sikaMchunu sokuhlakaza iqembu labaphenya ngokubulawa kosopolitiki esifundazweni (PKTT). Akagcinanga ngomchunu kuphela kodwa waphinde waveza ukuthi usekela khomisha wamaphoyisa kuleli uShadreck Sibiya ungumngani nemigulikudu emkhulu nehlonzwe njenge Big 5.

UMphathi wamaphoyisa izolo ebusuku mhla zi-6 kuLwezi 2025 uhambise zonke izinto zakhe kwabomthetho njengesicelo sabo sokuqhubeka nophenyo lwabo. Phakathu kwezinto ezithathiwe amafoni kanye namakhomputha ukuze kuzosiza uphepho. Kuzokhumbuleka ukuthi uMchunu usevelile kwikhomishana kaMadlanga eyavulwa emva kwalezinsolo.

Intatheli yezindaba kumabona kude iNewsAfrica ibe nolunyano ndlebe nokhulumela umphathi wamaphoyisa osasekhefini ukuqiniseka mayelana nokuthathwa kwezinto zikaMchunu. USthembiso Shabalala ubike kanje ” BathatheĀ  amagajethi amahlanu okuyi laptopĀ  kahulumeni, tablet, namafoni amathathu kodwa lawa amabili angasasebenzi amadala abegciniwe nje endlini . Umsusa wophenyo asiwazi futh asinaso isqiniseko salo kodwa konke lokhu kukutshela ukuthi uMinista Mchunu akunalutho akalufihlayo, enjalo wavuma nokuyophendula kwikomidi lasePhalamende nalapho akaveza khona ukuth akanamfihlo futhi uzimisele ukuphenwa inqobo nje uma amaphoyisa ezohamba ngemigudu efanele yophenyo.

Noma yini abayifunayo futhi uMinista akakaze ebe umngani wezigebengu enjalo nje akaze edle isidlo sasemini nesgebengu, noma nayimuphi umsolwa. Ngakhoke akukho esingakusaba okuseqinisweni uMchunu akukho angakusaba, okubalulekile nje ukuthi bafike namaphepha aqinisekisa uphenyo lwabo. Ngoba sebewathathile amagajethi sinethemba bazokuthola abakufunayo, siyathemba futhi bazowabuyisa uma sebeqedile ngophenyo lwabo. Okumqoka manje ukuthi uyaqhubeka nokuzilungiselela ukuvela kwikhomishini kaMadlanga kukhulu okusazovela uma esefike kuyo.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *