Kulenyanga kaMandulo ibandla lamaNazaretha aseBuhleni libungaza noma likhumbula umholi webandla owesithathu kubaholi bebandla lamaNazaretha, lomholi owaziwa ngeNyanga yeZulu, umthente ohlaba usumdala kanti eminye imthente ihlaba isamila.
Inkosi Inyanga yeZulu iyindodala womsunguli webandla lamaNazaretha uMprofethi Isaiah Shembe owaziwa ngoMqali wendlela njengokusungula kwakhe lelibandla elingelinye lamabandla abantu abampisholo amakhulukazi ezwenikazi lase-Afrika. Lendodana kaShembe wayithola kumkakhe wesibili umaSgasa.
Inkosi AK Shembe Inyanga yeZulu amagama ayo kwakungu Amos Khula Shembe wazalwa ngenyanga kaMandulo ngonyaka ka1906, endaweni yaseNtabazwe esifundazweni saseFree State lapho okwakwakhe khona abazali bakhe. Wafika ekuphakameni ngo1914 behamba nomnewabo omdala Johannes Galilee shembe (JG) iLanga lama-Afrika .
Kuzokhumbuleka ukuthi uShembe onguyise wabe esesukile eNtabazwe ngokutshela izwi elalikhuluma naye konke okumele akwenze. UShembe wayesakhe umuzi eNanda lomuzi kwakuyiseKuphakameni, ingakhoke amadodana akhe ayesuka eNtabazwe eza eKuphakameni kuyise.
Inkosi Inyanga yeZulu yaqala amabanga ayo aphansi ezikoleni zasendaweni khona eNanda, kodwa ibanga leshumi okungumatikuletsheni wawuqedela eskoleni i-Adams College eMbumbulu, wabe esedlulela eNyuvesi yaseFort Hare esesiFundazweni saseMpumalanga Koloni. Lapho wayefundela khona ukuba nguthisha, emva kokuphothula iziqu zobuthishela wabuya wazofundisa eManzimtoti, nakwezinye izikole ezikhona esiFundazweni sakwaZulu Natal.
Wafundisa waze wathatha umhlala phansi kubo ubuthishela. Phakathi kwabantu abaqavile ezweni lakithi eNingizimu Afrika abafundiswa Inkosi Inyanga yeZulu, singabala uMntwana wakwaPhindangene Inkosi Mangosuthu Buthelezi owayengumholi weqembu lezombusazwe i-IFP. Nakubake bekhona nabanye singegxile kubo ngoba inkulumo ingokukhumbula uShembe wesithathu kumaNazaretha.
Ebuholini Bebandla LamaNazaretha
Okuvelayo emlandweni ukuthi usunguli nowayengumholi wamaNazaretha uBhombela istimela samaMpondo ngonyaka ka1919 esentabeni egcwele iNhlangakazi wathatha abafundisi ababili okwakunguMqayi kanye noMzobe wabagcoba kanye namadodakazi akhe womabili Ilanga neNyanga. Akagcinanga ngokubagcoba wabe esememezela ukuthi bangabaholi bebandla bakusasa.
Emva kwalokho uMqali wendlela wathuma labafundisi ukuba behambe beshumayela, betshele abantu ngemsebenzi kanye nemthetho kaNkulunkulu. Ekuhambeni kukaMfundisi uMzobe noMnqayi abazange besabuya eKuphakameni baqhubeka bayozivulela awabo amabandla. Lokho kwashiya abadodana kaShembe womabili njengabaholi bebandla lamaNazaretha.
Ukuphuma eKuphakameni kweNyanga YeZulu nokwakhiwa Komuzi WaseBuhleni.
Inkosi yamaQadi uMzonjani Ngcobo yadlala indima enkulu kakhulu ebuholini bukaShembe wesithathu Inkosi Inyanga weZulu. Inkosi Ilanga isitshaliwe waqhubeka umsindo lapho indodana yeLanga uLonda wayelwisa uyise omncane ethi nguye okumele ehole ibandla lamaNazaretha.
Inkosi yamaQadi yezwa ngetulo elalihleliwe ngababehambisana noLonda lokusoconga inkosi Inyanga yeZulu, nebala ayipholisanga maseko inkosi yamaQadi yaphuthuma enkosini ukuyoyitshela ngetulo elalihleliwe lokusoconga uMholi weBandla Inkosi Inyanga yeZulu.
Nebala iQadi layithatha inkosi yayogoba amadlangala emzini wenkosi yamaQadi obizwa ngokuthi iseMbeka, yahlala iskhashana lapho inkosi yamaNazaretha nezenkumbi zamakholwa ezaziphume nayo emzini waseKuphakameni, ngoba zilandela umholi wazo owayesengenandawo phela ngoba base befuna ukumbulala kubo.
Inkosi isazinze eMbeka yabe isisikelwa indawo ezokwakha kuyo umuzi wayo ezohlala kuwo nezingane zayo iphinde yenze yonke imihlangano yebandla ngokuthula ingalwiswa muntu. Inkosi yamaQadi yakhipha ihlathi elaliphesheya buqamama nomuzi waseMbeka, lapho kwakuyindawo yamaphisi lapho ayezizingelela khona kanti nabantu basemaQadini nakwaNgcolosi babesebenzisa lona lelihlathi uma bephume inqina lehlambo.
Yabekwake inkosi Inyanga yeZulu njengabo bonke abantu uma bebekwa ezindaweni umehluko ukuthi kwakuyinkosi yesizwe eyaykhomba izikhonkwane zokuklama imincele abanye bekhonjwa izinduna zezindayo. Inkosi Inyanga yeZulu yayizibambela yona mathupha kucatshwa ihlathi lapho kuzokwakhiya khona umuzi.
Selicatshiwe ihlathi kwaqalwa kwakhandwa umuzi kanye netempeli lokusonta, kubantu ababe lekelela Inkosi kukhandwa umuzi bathi Inkosi Inyanga yeZulu yabamangaza isiyakha iTempeli ngoba yalivula laba likhulu kakhulu kunabantu ababekhona ngaleso sikhathi kodwa Inkosi ibona ukudideka yabaphendula yathi kuza abantu abaningi kakhulu kulomuzi waseBuhleni boKuphakama. Bayogcwala leliTempeli beze behlale ngaphandle.
Ushintsho Inkosi Inyanga YeZulu Isingumholi.
Inkosi Inyanga yeZulu yahlala esihlalweni sokuhola ibandla lamaNazaretha ngonyaka ka1977 ngoba yaze yakhothama ngonyaka ka1995 isineminyaka enga89, lokho kusho ukuthi yahola ibandla iminyaka eyi18. Kuleminyaka isesihlalweni ake sibheke eyakwenza .
Azikho izinguquko eyafika nazo ebandleni lamaNazaretha yaqhubeka lapho okwakugcine khona uyise UMgqali wendlela nomfowabo uLanga phuma sikothe nabalothayo liyabahangula. Kuphela wafakela okwakusalile njengoba kwangena uphiyano uma kuhlatshelelwa kumaNazaretha, waphinde wathi inhlalisuthi ayifake imiqhele emakhanda ukuze izozigqaja ngobuyona, kwazise iningi lamalunga alelibandla ayisizwe samaZulu nakubake zikhona zonke izinhlanga zabantu abampisholo.
Wabe esesungula abavangeli ngoba eKuphakameni kuBhombela neLanga kwakukhona abashumayeli nabaFundisi kuphela bengekho abavangeli. Inkosi Inyanga YeZulu yasungula abavangeli yase ibathuma ukuthi abahambe izwe lonke beshumayela ivangeli likaShembe. Inkosi isafundisa kwakungumshayeli womculo wekwaya esikoleni lokho kwakuyenza ibe nolwazi olunzulu kwezomculu. Okuvelayo ukuthi wayengathandi ukuzwa abantu bebhimba wayefuna umuntu ehlabelele kahle uma ehlabelela.
Izibongo zeNkosi Inyanga YeZulu.
Umkhonto obazw’ abasezulwini, Ubazwe oNhliziyo noSokhabuzela. Nonyathikazi bas’ beyawuthukusa, Bewuthukusela Indlu kaSengangakhona, Beno Dingane.
Abasemhlabeni base beyawuphika, Bathi ngek’ usangoba ngoba usumdala, Induku yakith’ ethukuswe emzini, WeNkosi Ingqayizivele.
Umphathi wesagila sisinye, Ushay’ izikhova ezimbili, Ushaye uKhenedi kanye, Nomkakhe uGloria intombi, Yas’ eMawotana.
Uteku labafazi namadoda, Behlezi betekul’ eNanda, NaseBhambayi besho bethi, Soke simbone meke wabusa,
Solifulathela elaseBhambayi, Siye eNyakatho siyofuna izazi, Ezazi umuthi nawo lowo muthi, Awusebenzanga nhlobo.
Bambize ePietermaritzburg, EMgungundlovu koNdongazibomvu. Ngoba beqhoshe ngawo lowo muthi, Awusebenzanga lutho.
Ungalozinde zeNyanga yeZulu, Azilingananga nabasemhlabeni, Ezabo bathe bayazelula zaphelela, Epietermaritzburg eMgungundlovu, KoNdongazimbomvu ezayo zinde, Ziye zayofika ogwini lomhlaba.
Yini le esiyizwa ngomntaka Nhliziyo, Eyenzeke eThekwini ND Durban, Sizwe ngoNgcobo ezalwa uNsika, KwelasemaQadini.
Uthe ehamba engalindele lutho, Zase zimpheth’ ezinkulu, Amahuzu namaHumusha, Kwehl’ isandla seNyanga yeZulu,
Zabaleka izigebengu nobesigebengu, Esukhul’ uNgelegejana uvuke, Washesha eyobuka isandla, Wafica umbhalo weNkos’ enkulu,
YaseKuphakameni othi Shembe is the way, Wathi yeyi nina nganitshela, Ngathi anobakhetha abantu, AbakaShembe ningabalethi lapha.
Induku kamadida idide abafundisi, Nabagcotshwa nabaBhishobhi, Zajabha izifundiswa yaphasa, Ingudlungudlu winii! Wawina, Umuntu webheshu,
Nani maBhaca naniMampondo, Wozanini nizombona ovela emazulwini, Nani maSwazi akithi pansi le kwaNgwane, Seniyoguga nidelile nibone iNyanga yeZulu, Emazweni akini.
Uye wabhala umabhalane, Kulezantaba zaseNdwendwe, Ubhale izinkulungwane, Kwavela izigidi.
Wela siwele eMzinyathi, Siye eBuhleni emzini okhanyayo, Imamba yelukile uchakide uhlola, Izigcaki langena icala kuSomtsewu, Walidida umadida.
Uphambanisele ummeli wamaphekula, Enkantolo kuSomtsewu wabalek’ Ummeli nazi iziMantshi zehla, Zenyuka zizwa amanga oKhenedi, Ummeli wabhala ephepheni.
Shintsha! Ushintshe ubugqili, Wabenza ubukhosi uthumel’ Umfundisi uMngomezulu noShabangu, Wathi hambisani nathi izwe, LaseNdlukulu eNdlukulu.
Uyakhuleka uShabangu eNdlunkulu, Uthi Bayeeeeede! wena wezulu Eliphezulu, Sithunywe izwi lamazwi umlom’, Ongathethi amanga uthi asilethe, Nanti izwe laseSilo eNdlunkulu.
ZONKE IZIZWE ZIYOWUBONA UMTHENTE OHLABA USUMDALA EMINYE IMTHENTE IHLABA ISAMILA. NONGAMTHANDI UYOZE AMTHANDA USHEMBE.