Isigaba sabasebenzi ngaphansi kweqembu loMkhonto Wesizwe elaziwa ngoMkhonto Wesizwe Labour desk eliholwa uMlungisi Inkinga KaMancinza, izihlalise lubhojozi izimboni eziqasha abantu basemazwenzi angomakhelwane bakuleli, abakulelizwe ngokungemthetho ngenhloso yokubaholela inkece encane bese begombela kwezabo izisu yonke inzuzo abayenzelwa ilabasebenzi abakuleli ngokungemthetho.
Kulezinsuku siseskhathini esinzima sokuntuleka kwamathuba omsebenzi umhlaba wonke jikelele. Iningizimu Africa lingelinye lamazwe elentula kakhulu ngamathuba omsebenzi, njengoba intsha eningi iduve emakhaya ngenxa yokungasebenzi. Lesimo sigcina sikhanda intukuthelo enkulu kubantu bakuleli ngoba phela babona sengathi nohulumeni uyabayekelela abakuleli. Bese evumela izimboni ukuba ziqashe abantu bokufika abangenazo izimvume zokuba kuleli.
Leliqembu leMK liwufaka phakathi usawoti esilondeni kubaqashi abazicebisa ngokusebenzisa abantu abangenazo izimvume zokusebenza kuleli. Into efakela abantu bokufika isgcwagcwa kubantu bakuleli ukuthi bamukela amakinati emiholo, benjalo abakukhathaleli ukuthi abantu bakulelizwe abasebenzi ngenxa yabo. Kanti ezimbonini zibakha phansi njengoshukela ngoba phela abasizo izindleko uma besebenza abarijistwa benjalo abafune mshwayilense yezempilo.
Izolo ngoMsombuluko mahlaka15 kuMandulo leliqembu ligasele esbhedlela i-Albert Luthuli Hospital beyokhala ngokuthi uMnyango wezeMpilo esifundazweni sakwaZulu Natali oholwa umama uNomagugu Simelane, uqashe umuntu wangaphandle nodabuka ezweni laseZambia. Ngokusho koMnyango ithi uDokotela Demera uye kuphela obeneziqu ezidingekayo ukuze engene kulesikhundla.
UDemera usebambe kuleskhundla iminyaka emibili yonke nokuyinto abathi iyaphikisana nenqubo mqomo. Lo Dokotela uDemera kuthiwa abasebenzi bakulesa sibhedlela abakulelizwe ubahlalise ngesinqe esisodwa njengoba ebaxoshisa emsebenzini ngenhloso yokuvulela abanye bangaphandle amathuba omsebenzi. IMK ithi akahambi yedwa kulezenzo ezinonya zokuxoshisa abantu kuvele ukuthi uhlangene nomphathi omkhulu wesibhedlela (CEO) uLinda Mtshali bathi naye uncamela abantu bokufika kanye nabomdabu waseNdiya.
Leliqembu luthe lifikaka emasangweni asesibhedlela ezakadalawane besezibalindele ngabomvu, ngoba bezihlome zizingovolo, lapho amaphoyisa bengahambi wodwa ngoba bekuneqembu lonogada abasebenza kulesi bhedlela nabo bebewumgoqo ovimbe emasangweni bengafune lutho ngaphakathi eneskibha seqembu leMK.
Umnyango nawo ube usuziphendulela ekhasini labo lokuxhumana iFacebook lapho bebhale kanje.