Umkhosi Egodlweni Emashobeni oPhongolo.

Namahlanje kuqopheka umlando esizweni samaZulu njengoba isilo iNdlunamithi kaZulu ibambe umkhosi womhlanga esigodlweni esidala seLembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha esibizwa ngokuthu kuseMashobeni eNyakatho nesiFundazwe saKwaZulu Natal endaweni yasoPhongolo. Lesigodlo sakhwanda Inkosi uShaka kaSenzangakhona elekelelwa unina indlovukazi uNandi.

Umkhosi womhlanga okuwumkhosi wezimbali zezwe okuyizintombi nto, lapho zisuke zilethe umhlanga kongangezwe lakhe. Lomkhosi mdala kakhulu esizweni samaZulu, ngoba okuvelayo ukuthi lomkhosi wawukhona ugujwa isizwe samaZulu sisazinze enhla nezwekazi lase-Afrika. Lomkhosi womhlanga nangaleso sikhathi wawugujwa izintombi zesizwe samaZulu lapho zaziphakamisa ukuzugqaja bobuzona nangokuziphatha kahle.

Lomkhosi woMhlanga uhambe wama noma washabalala ngeskhathi amazulu esuka enhla nezwekazi lase-Afrika ezokwakha ezweni eliseNingizimu neAfrika. Okuthe ngonyaka ka1984 Isilo uMdlokombane okunguZwelithini kaNyangayezizwe kaSolomoni kaDinuzulu kaCetshwayo kaMpande umfowabo weSilo uDingane noShaka kaSenzangakhona wabe esewubuyisa lomkhosi woMhlanga elekelelwa untwanenkosi uNdlukulu umaDlamini owayedabuka ebukhosini bakwaNgwane ezweni elingomakhelwane naseNingizimu Afrika okuyiSwazini.

LoMkhosi obubanjelwa eSgodlweni kwaNongoma eNyokwni nalapho osudonse iminyaka engamashumi amane khona eSgodlweni eNyokeni. Indlulamithi yamakhosi akwaZulu iSilo esisesihlalweni iNgonyama uMisululu KaZwelithini inqume ukuwususa eNyokeni lomkhosi uyogujwa eSgodlweni eMashobeni esisoPhongolo nokuyikhaya leNkosi uShaka kanye noNdlunkulu uNandi. Nalapho iSilo siveze ukuthi sifuna ukuvusa wonke amanxiwa aMakhosi akwaZulu njengoba lubuyela kulesgodlo.

Iyiphi Indima Edlalwa Noma Edlalwe Umkhosi WoMhlanga Esizweni.

Umkhosi woMhlanga ubuye ngo1984 kodwa bugujwa nje ungenalo igalelo elikhulu kangako esizweni samaZulu jikelele ngoba abantu bebesenakho ukuzihlonipha kanye nokusaba uMvelingqangi. Kodwa ngeminyaka yama90’s kukekwaqubuka kakhulu isifo esithathelana ngokocansi nokwinto ebibhebhetheka okomlilo wequbula ezizweni zabampisholo. Ilapho Uhlanga lomhlabathi iSilo uBhejane Phum’esiwini kade bekuvalele esathatha isnqumo sokuthi sekwanele Zulu akuke kwenziwe izindlela ezinqala zokugwema ukuthelelana ngalesifo.

Isilo sabe sesiqguqguzela ukuthi zonke izintombi ezisengamatshitshi aziziqhelanise nokwenza izinto zabantu abadala kodwa akube khona abaqaphi abazohlala bezibheka njalo ukuthi ubuntombi busekhona yini zize zithole abakhwenyana abazozilobola zigane zivuse imizi. Lokhu kwanyusa okukhulu ukuzigqaja ezintombini zakwazulu, zaphinde zakuqinisekisa ukuziphatha kwazo nokugwema ukwenza uncansi zingakashadi. Ukuhlolwa kwzintombi kudlala indima enkulu esizweni ngoba konza izingane zamantombazane zingatholi abantwana zisencane abazokhula bengenaso isisekela sabazali babo ngaba bebathole nabo beseyizingane ezingakwazi ukuzimela.

Lesenzo kwasisiza kakhulu isizwe ikakhulukazi ekwehliseni ukutheleleka kwentsha igciwane legculazi, okuyinto eyayiyinsakavukela umchilo wesdakwa esizweni. Kwakusuka umuntu omdala lapho akasebenza khona etheleleke yizifo zocansi ezithelelanayo, bese abuya emakhaya alale nezingane ezincane ezingazi lutho ezithelele ngalokhu kufa ngaphandle kokwazi. Manje izintombi ezihlolwayo ziyakugweba ukulala nabesilisa zize zifike esgabeni somshado.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *