Inkantolo ephakeme esifundazweni iGauteng isichithe nezindleko isicelo sezithandani uThabo Bester noNandipha Magudumana sokuvimbela uNetflix ukuthi engawuvezi umbukiso oyigxoxo nencazelo ngempilo yabo, oqale izolo ngoLwesihlanu 11 September 2025 obizwa ngeBeauty and Bester. Ijaji Sulet PotterillĀ eNkantolo ephakeme eGauteng esePitoli usilalelile isicelo sokuvimbela ukuba lomdlalo ungabukiswa kumabonakude, ebesithulwa abammeli babamangali okunguBester noNandipha. Lesicelo besilalelwe sekusele imizuzu engamashumi amathathu ukuba lombukiso udedelwe kumabonakude odlala ngaphansi kukaNetflix.
Lomdlalo ukhuluma ngempilo yesigebengu esaduma ngokudlwengula abantu esasibayenga ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi uFacebook ngoba waduma kakhulu ngeFacebook rapist. Thabo Bester wayeyenga amantombazanyane amancane ngenkampani yakhe eyayaziwa njengabantu abafuna ozime(modeling agency) abasebancane namantshikazane anephupho lokuba ozime. Wayewadoba eze efike kuye bese eyawanukubeza ngokoncansi bese eyawabulala amanye awo ngesihluku esinyantisayo.
Lesenzo yaqhubeka ngoba kubalwa abantu abangaphezulu kwamashumi amabili ababa izesulu zalesigameko sokudlwengulwa abanye bebulawe. Nokho waboshwa ngonyaka ka2012 ngamacala akhe ahlukahlukene kubalwa awokudlwengula, ukuthumba, ukubulala, ukuzama ukubulala kanye nokweba. Lokho kwamholelwa ekugwetshweni odilikajele abaningi ebhadla ejele, okuthe ngonyaka ka2022 kwavele imibiko yokuthi uBester uzibulele ngomlilo esejele egumbini abelala kuwo.
Laphoke kwatholakala izinsalela zesidumbu esasishile nokwakukholelwa ukuthi esikaThabo Bester. Okwaba igwijikhwebu ukuthi umuntu owafika ezolanda isidumbu kwaba uDokotela owayedume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngokudayisa amakhambi okunakekela isikhumba uNandipha Magudumane, nalapho akaveza khona ukuthi beshadile noThabo Bester okuyinto eyayimunika igunya lokuthatha umzimba kamufi eyowulondoloza.
Nomake kwakunezinsolo ezinkulu ngendlela yokuzibilala kukaBester abomthetho benza uphenyo lwabo lolibofuzu lapho bathatha igazi likamama kaBester baqhathanisa nalezinsalela zalomzimba owatholakala emlilweni. Okwashaqisa wonke umuntu imiphumela eyabuya kwabolibo fuzo ngoba yona yayiphika ukuthi umzimba ungokaThabo Bester. Ilapho okwathi makuqhubeka uphenyo kwevela ukuthu uBester weqile ejele.
Kuso lesoskhathi kwatholakala ukuthi uBester noNandipha babalekile emvakokweqa kwakhe ejele, babaleka baphuma baphela kulelizwe laseNingizimu Africa. Laphoke baze babanjwa eTanzania ngamaphoyisa akhona ababuyisa beza kuleli sebezoboshelwa amacala aba. UNandipha Magudumana uyena osolwa ngokuba unqgondongqondo ekuhlelweni kwetulu lokweqa ejele kukaBester ngoba uyena owatshotsha isidumbu emakhazeni esasizoba uBester ozibulele ejele.
Akagcinanga lapho ngoba wathenga onogada ukuba bedlale indima yabo ekukhisweni kukaBester ejele ukuze kungeke kusolakale. Onogada baqinisekisa ukuthi imoto eyayingena nesidumbu ayiphazamiseki, kanti nesidumbu sihamba kahle size siyofika egumbini likaBester. Baphina labonogada manika uBester umfaniswano wabo ukuze ezoshiya izingumbo zasejele ephume ngezabo. Lonke lelicebo laba enkulu impumelelo ngoba waphuma ngenkulu impumelelo ejele ngokusizwa uNandipha.