Lidluliselwe eNkantolo ephakeme icala lokuqothwa komndeni eLusikisiki.

Aligcinanga ngokudluliswelwa eNkantolo ephakeme kodwa liphinde lahlehla, icala elibhekene namadoda ayisithupha abhekene necala lokubulala abantu abangu-18 eLusikisiki.

Lihlehliselwe umhla zili-14 kuMbasa wezi-2025 ngemuva kokuthi lidluliselwe eNkantolo ePhakeme yaseMthatha, ezohlala esifundeni saseLusikisiki.

Umbuso uwahoxisile amacala abekwe amadoda amabili, uLwando Abi (33) noZenande Paya (38), aqale athweswa amacala kanye nalaba abayisithupha.

Mzukisi Ndamase (46), Siphosoxolo Myekethe (45), Aphiwe “AP” Ndende (25), Bonga Hintsa (31), Mawethu Nomdlembu (36), noSongezo Vuma (20), asebeyishiyile ibheyili, babhekene namacala okwakha itulo lokubulala, angu-18 okuthumba, ukugebenga ngezimo ezimbi, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, ukutholakala nezikhali nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Bathweswe icala ngesigameko sokudubula esenzeka ngomhlaka-28 Septhemba 2024 emizini emibili engomakhelwane eNgobozana Village eduze kwedolobha iLusikisiki, lapho kwashona khona abantu abayishumi nesishiyagalombili.

Baphinde bamataniswa nokubulawa kukasopolitiki uMncedi Gijana KwaBhaca ngomhlaka-19 Agasti 2024.lo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *