Kubukeka sengathi livuthiwe ibhodwe leqembu lebhola kuleli i-Orlando Pirates Fc edume ngezikamagebhula ezagebhula umhlaba kamaspala zawubhekisa phezu, nokuyizibongo zomsunguli walo umnumzane Sofasonke Mpanza. Leliqembu laseSoweto selibonise izithelo ezinhle eziphuma ebhodweni labo, lapho bepheka khona izingane ezincane zikhule zidle abantu eqenjini labo elikhulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu le-Orlando Pirates Fc likholelwa kakhulu ekuvundululeni ikhono labafana abancane bese bebalolonga bebakhulisele iqembu elikhulu. Baningi kakhulu abadlali esingababala bakudala abaphekwe ebhodweni lokuthuthykiswa kwamakhono ePirates baqeda baba abadlali abanedumela elikhulu ebheni lakuleli. Sibala abadlali abanjengo Gift Leremi, Lebohang Cheeseboy Mokoena, Benedict Tso Vilakazi, Joseph Dukuduku Makhanya, Senzo Meyiwa kanye nabanye abaningi singeke sibabalule bonke.
Muva nje ngathi ezikamagebhula ziqalephansi ukupheka izikwibhisi zodwa ebhodweni lazo siqale sababaza uRelebokile Mofokeng oqhamuke washisa isikhotha ephuma khona eqenjini labancane be-Orlando Pirates Fc elidlala uMultichoice Disk Challenge okuyimanje iqeqeshwa uJoeseph Makhaya naye owaladwa khona ebhodweni lezimnyama. Emva kukaMofokeng kuvele abanye abaningi njengo Nkota, Mbokazi noNdlonzi. Bonke badlale kahle kakhulu esigabeni esiphezulu lapho bebemele iqembu labo libhekene nezika Chippa Mpengesi okuyiChippa United nalapho egcine iguqe khona ekhaya ngenqaku elivalele ngekhanda ukapteni we-Orlando Pirates Fc uSibisi ngesiwombe sokuqala sesiyophela.