Uthweswe icala lokwakha itulo lokusoconga umyeni wakhe ongumlimi

INkantolo yeMantshi yase-Aliwal North ilihlehlisile icala elibhekene no-Anelle de Bruin (46), ongunkosikazi womlimi wendawo owaziwayo, osolwa ngokwakha itulo lokusoconga umyeni wakhe endaweni yokuhlasela yasepulazini. Umsolwa ubhekene necala lokwakha itulo lokusoconga ngemuva kokuboshwa ngomhlaka-09 Januwari 2025.

Uvele kafushane namuhla eNkantoloyeMantshi, umshushisi wafaka isicelo sokuthi kuhlehliswe icala ukuze kuqhutshekwe nophenyo njengoba kusenezitatimende ezisasele, ama-albhamu ezithombe namarekhodi omakhalekhukhwini. Udaba luzobuyela enkantolo mhla zingama-23 kuMbasa wezi-2025, ummangalelwa uthole  ibheyili ka-R2000, enemibandela eyisipesheli yokuthi angabuyeli epulazini futhi aqondise ukuvakashelwa kwezingane zabo.

Uboshwe ngemuva kokuthi amaphoyisa alunywe indlebe umuntu ophakathi nendawo okuthiwa uye owathola izigebengu zibulala umyeni wakhe oneminyaka engu-56 ubudala. Ngokophenyo lwamaphoyisa, ummangalelwa ubevele ekhokhele lowo owayephakathi imali encane futhi wathembisa ukuthi uzoyikhokha imali esele ngemuva kokubulawa kwakhe kanye nezinkokhelo zomshwalense. Kuthiwa uqoshwe eyala ukuthi ngemuva kokudubula umyeni wakhe epulazini labo, izigebengu kumele zidubule izinja zomndeni namathayi ezimoto ukuze kubukeke njenge-“farm attack”. Kuthiwa uphinde wabikela lo muntu ophakathi ukuthi abalimi abangomakhelwane bazothatha isikhathi esingakanani ukuphendula kulokhu kuhlasela. Kusolwa ukuthi uthole ifa elingaphezu kuka-R50 million uma kwenzeka kushona umyeni wakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *