Ijazi seligcwale umoya kubaqeqeshi beMarumo Gallants FC

Namhlanje ngosuku Lwesihlanu evikini lomhlaka 21 February 2025, iqembu lebhola likanobhutshuzwayo elizinze esifundazweni saseFree State enhlokodolobha yaso okuyiBloemfontein okwiMarumo Gallants Fc selimemezele izinguquko kubaqeqeshi. Lapho limemezele ukuthi umqeqeshi weqembu  uDan Malesela nomqondisi wabaqeqeshi eqenjini uMolefi Ntseki bayakhululwa eqenjini kulandela ukungenzi kahle kweqembu.

Abaphathi bakhala ngokuthi iqembu lihluleke lancama ukuthola imiphumela ejabulisayo kwazise lihleli endaweni yeshumi nane ohlwini lweLog, lapho leliqembu lisanqobe imidlalo emine vo emidlalweni eyishumi nesikhombisa eseliyidlalile.

Okhulumela iMarumo Gallants uSello Nduna encwadini ebhaliwe ukubeke kwagqama ukuthi iqembu lizozama indlela entsha yokuthi  iqembu liphumelele, nakabalule ukuthi njengeqembu bayayibonga indima edlalwe ilabaqeqeshi eqenjini futhi babafisela indlela enhle nekusasa elihle lapho abaya khona.

Leliqembu izintambo zokuqeqesha okweskhashana zizobanjwa amasekela kamqeqeshi oxoshiwe okunguSundra Govender beno Duncan Lechesa ngokubambisana. Lapho iqembu lizobe lisabheka umqeqeshi elizimkhetha ukuthatha ezinyaweni zikaMalesela. Nalapho akuvezile ukuthi iqembu linezinkulumo eseziya emaphethelweni nomqeqeshi odabuka ezweni elisenhla neAfrica okuyiMorocco, lomqeqeshu agama lakhe Abdeslam Ouaddoa, ovele esefikile ezweni laseNingizimu Afrika ukuzoqedela izigxoxo zakhe neqembu.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *