Sekushone Abasolwa Ababili Enanda Kwaboshwa Oyedwa

Abasolwa ababili badutshulwe balimala kabi lokho okuholele ukuthi balandulele leli elimagadr ahlabayo esigamekweni sokudubulana namaphoyisa eNhlungwane Area 1 eNanda okuyilokishi eliseNyakatho yeTheku nelingundaba mlonyeni kulezinsuku.Lesgameko senzeke namhlanje ngoLwesibili ekuseni, 18 February 2025.

Amaphoyisa abesebenzisa ubuhlakani mayelana nokuthi abasolwa bakuphi kanti amaphoyisa azobakaka ebavalele ekhoneni endlini. Ngesikhathi amaphoyisa ememezela ukuthi akhona ngokungqongqoza emnyango, abasolwa baphendule ngokuvulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni nokuholele ekutheni nawo amaphoyisa engapholisi amaseko avele aziphindiselela. Ngesikhathi sokudubulana, abasolwa ababili badutshulwe balimala kabi nokuholele ukuthi beshone khona lapho. Abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili. Kuboshwe omunye umsolwa ongalwanga namaphoyisa.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule amaphoyisa athole imininingwane kubahlali baseNanda abathobela umthetho mayelana nabasolwa okukholakala ukuthi yibona abagebenga izindlu nobunye ubugebengu endaweni kanti amaphoyisa asebenze ngolwazi kwaze kwaba abasolwa ngokuba yizigebengu bavalelwa ekhoneni eNlungungwane. Uphenyo lokuqala seluveze ukuxhumana phakathi kwabasolwa neqembu lezigelekeqe laseNanda elidume kakhulu ngeWest Gang.

Umsolwa oboshiwe uzovela enkantolo maduze. Noma lungakaziswa usuku, lapho akazobe ethweswe khona uchungechunge lwamacala obugebengu ababenzile endaweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *