Umfundisi uThulasizwe Buthelezi uxoshwe ngokusemthethweni njengoNdunankulu wesizwe samaZulu, okuyisikhundla esibalulekile nesinomthelela embusweni womlando wesizwe samaZulu.
UButhelezi uxoshwe yiSilo samaZulu iNkosi Misuzulu kaZwelithini izolo, ukuxoshwa kwakhe kulandela ukuthi ebhalelwe incwadi ebimazisa ukuthi ijazi seligcwale umoya.
Uhlale kulesi sikhundla isikhathi esingangonyaka ngemuva kokuthi iNkosi uMisuzulu KaZwelithini imqoke ngesikhathi kukhunjulwa impi yaseSandlwana ngo-2024.
UButhelezi, osesikhundleni sakhe njengoNgqongqoshe weCoGTA esifundazweni, uzohlangana nomakhosi (Chiefs) oLundi ngesonto elizayo ukuze kudingidwe izindaba ezingahlobene.