Kuphambene imibono ngendlela okuqashwa ngayo emaphoyiseni omkhandlu weTheku ngoba abaningi bathi labantu abaqashiwe abanayo inswebu yokunqoba izivivinyo zokungena kulamaphoyisa. Kulezivivinyo kukhona esokuhlolwa kokufaneleka ngokomzimba (Fitness Test) lapho kwakuhluleka khona iningi elalikade likulungiselele lokho. Kodwa futhi bakhona abawazonqoba zonke lezozivivinyo inkingake yafika sekumele bebizwe bezoqala bangabe besathintwa. Lokho kubafikisela ngolaka ngoba bathi babezikhandla ngoba nabo benethemba lokushintsha izimpilo zabo nezakubo kanti babe nqobela omntakabani.
Kwabakhethiwe kuthiwa iningi labo alitshengisi nakanzane ukuthi bazingenela leziya zivivinyo futhi abantu bathi kuvele kwathathwa amavolontiya ka-ANC kanye nezingane zomtakabani kanye nezabasebenzi. Lesikhalo kodwa asisisha vele abantu bahlale bekhala ngokuqasha okuba nesandla esinoboya kuyo yonke imisibenzi kaMasipala. Lapho bethi noma ungakhangiswa umsebenzi kodwa kusuke sekwaziwa abantu abazosebenza. Kulokhu ngathi kodwa uMkhandlu wenze mawala ngoba kubukeka uphethe amaklume wodwa amaphoyisa.
Umkhuzi wamaphoyisa omkhandlu uMnumzane Mchunu ekhulumma emsakazweni uKhozi ukuvezile ukuthi lukhona uphenyo oseluvuliwe ngendlela okukhalwa ngayo ekuqashweni kwalawa amaphoyisa amasha. Uthe noma yimuphi umuntu okholelwa ekutheni wawojwa noma wabanjwa ngophondo akaye kwaCCMA nobufakazi bakhe lobo eyobanika mhlampe kuyobasiza ekuphenyweni kwezinsolo. UMchunu uthi abantu abafaka izicelo zomsebenzi bayizinkulungwane ezi-120 (120 000) lapho babezilethela bukhoma izicelo, kuthi abenze online bayizinkulungwane azi-160 (160 000). Bonke labantu benza izigaba ezintathu zezivivinyo kwase kuthi abayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha( 60k)basothezelwa ukuthathwa (shortlisted) nokugcinwe kuthathwe abangamakhulu amahlanu nemfalakahlana baya ekolishi. Emva kweKolishi kuphumelele aba-467 kwathi laba abanye bangaphumelela basazobuyela eKolishi ukuyofunda beze bephumelele bese bayabuya bezosebenza. Konke lokhu bekuchzwa umkhuzi wamaphoyisa uMchunu oKhozini.
Umsakazi woKhozi obekhuluma noMacingwane ube esefonela okhulumela intsha ye-ANC esifundazweni embuza ukuthu bazizwa kanjani ngoba kuqashwe intsha engaka. Uthe bathokozile kakhulu ngesenzo somkhandlu weTheku, nokuyizinkomba zokuthi umkhandlu wazilalela izikhalo zabo zokuthi akuqashwe intsha emkhandlwini nokuyiyo entula kakhulu amathuba omsebenzi.