Baqinisile uma bethi yonke imishado inezinkinga lokho sekubonakala ngisho emshadweni wepolitiki obizwa ngeGNU. Kuzokhumbuleka bakwethu ukuthi emva kokhetho alikho iqembu elanqoba ngamalengiso, lokho kwakuwaphoqa ukuthi ebuse ngokubambisana phecelezi icollision ngolwamaNgisi lapho amaqembu ehlangana akhe uhulumeni ngokubambisana.
Kulokhu akwenzekanga kanjalo kodwa iqembu elalinamavoti amaningi kunamanye okwakuti ANC umongameli wayo wabe esememezela ukuthi bazokwakha uHulumeni wokubambisana kwamaqembu ezombusazwe. Laphoke kwabe sekuhlangana iDA, ANC, IFP,PA neFFP namanye amancane ukwakha lohulumeni wokubambisana.
Kwabe sekukhethwa oNgqongqoshe kuhulumeni kazwelonke kwasala abezifundazwe okwakuyiGauteng neKwaZulu-Natal. Kodwa KwaZulu-Natal bakwazi ukubeka uhulumeni ngalo umbimbi lweGNU, kwathi eGauteng kwba madolo nzima ngoba owayesekhethwe njengoNdunankulu uPanyaza Lesufi wakubeka kwacaca ukuthi alikho iqembu elizobalawula, nalapho kwakubonakala iqembu leDA lifuna ukulawula ukuqokwa konqonqoshe. ULesufi waziqokela ikhambinethi lakhe ngokuthanda kwakhe noma lokho kumenze wanyamanembana kubaholi bakaKhongolose besigungu sikazwelonke. Kodwa umile ekutheni eGauteng kuzosetshenza ngendlela yakhe.
KwaZulu-Natal noma ekhona uhulumeni oholwa uNdunankulu uThami Ntuli weqembu le-IFP kodwa kuke kwazakala usuhlalo kaKhongolose esifundazweni uDuma lapho wayekhala ngokuthi lamaqembu abasebenzisana nawo kuGNU, athatha imsebenzi ka-ANC yeminyaka bezothola uphaphe lwegwalagwala ngayo. Kanti nonobhalam wayo ANC kukaningi etshengisa ukungenami ngomshado wabo namaqembu abashade nawo kodwa abakwazi ukwenza okuningi ngoba phela abangaholi beqembu kuzwelonke bamile ekutheni abahloniphe umgomo womshado.
Kuzo lezinsuku bekulindelwe ukuthi kungase kube khona izinguquko ezimbalwa kwiKhambinethi kaMongameli uCyril Ramaphosa, nobekulindeleke ukuthi ashintshe ungqongqoshe wezeMfundo oyilunga leqembu iDA. Kuzwakale uZille weDA ethi uMongameli engakhohlwa ukuthi iqembu lakhe alinqobanga ngo elethu ngakhoke uma kukhona izinguquko afuna ukuzenza akacabangele umshado wabo kuqala ngaphambi kokuthatha izinqumo. Lokho kwabaningi bathi Inyathi ibanjwe ngezikhwama zamasende iqembu labamhlophe.