Inkezo kaZulu namuhla ithe ayibheke izigaba ezikhona sokukhulisa umntwana wentombazane kusukela ebunganeni ezelwe. Sibheka umntwana wentombazane ngoba kuyena ziningi izinto ezenziwayo eziyindlela yokukhulisa ukuze ezogcina ebe ngumama oqotho ngisho enzalweni yakhe. Wonke umntwana uqala ngembeleko owesilisa nowesifazane, bese kuya kwanda kowesifazane ngobo kubakhona umhlonyana kanye nomemulo.
Yini Imbeleko?
Uma umntwana ezelwe uyaye eqanjwe igama akazobizwa ngalo lapha emhlabeni nakazokwaziwa ngalo. Njengabantu abampisholo sikholelwa ekutheni ingane iyisipho esivela kwabadala bakithi asebalala kwelamathongo kanye noMvelinqangi. Ekuletheni kwabo umntwana kuleli elimagade ahlabayo kodwa abanawo amandla okumetha igama ngaphandle kwabantu abaphilayo kungaba abazali bomntwana noma amalunga amadala omndeni.
Uma esezaliwe wethiwa igama uyise womntwana uyaye ethathe impahla esibayeni okuyimbuzi eye nayo emsamu lapho kushiswa khona impepho kukhulunywe nabangasekho. Ufika emsamu ethemeleze ebizibonke abakubo bese ebatshela ukuthi uzobika umntwana njengelunga elisha lomndeni, ngakhoke uyacela ukuthi bemuvikele kiyo yonke imimoya emibi ekhule engaphazanyiswa yilutho. Bese ehlaba imbuzi lowomphefumulo wembuzi yiwo ofike ubike emndenini ukuthi lelilunga elisha lomndeni usibanibani igama lakhe. Sekuyothike uma isihlinziwe komiswa isikhumba bese siyashukwa sithambe senziwe imbeleko akazobelethwa ngayo. Ingakhoke kwagqama elembeleko kodwa okubaluleke kakhulu ukubika umntwana emndenini kwabangasekho nokumcelela ukukhula okuhle nezinhlanhla. Imbeleko ayenziwo kwingane yokuqala kuphela kodwa ingane mayizelwe ekhaya kumele ibikwe kwabadala yenzelwe imbeleko. Imvamisa lokhu kwakwenzeka uma ingane iqeda unyaka izelwe.
Yini Umhlonyana, Yini Incekeza, Yin Umthombiso?
Lamagama wonke asho into eyodwa ngokusempeleni, umhlonyana isigaba esibalulekile kumuntu wesifazane ngoba suke ingane ingena esigabeni sobudala lapho ithomba. Uma ingane yentombazane iqala ukuthomba iye ibikele unina noma abakubo abadala. Isiko liyaphoqake ukuthi ithathwe ifakwe emgonqweni. Umgonqo ilapho ithathwa ivalelwe indlini yakwagogo bese igcoba ngebomvu okuwuphawu lokugonqa noma ukuzila. Kubalulekile ukuthi sikunake ukuthi ihlala endlini yakwa gogo hhayi endlini yabadala lapho kushiselwa khona impepho. Kuyekucele izingane zakomakhelwane ziyihlalise lapha emgonqweni zicule lamaculo omhlonyane, lapho igonqa izinsuku eziyisikhombisa. Kuleskhathi isemgonqweni ogogo abadala bayayiyala ukuthi umntwana wentombazane uziphatha kanjani phakathi kwabantu besilisa, iziphi izinto okumele ezigweme.
Sekuyothi ngolwesikhombisa usuku lomgonqo uyise womntwana usethatha imbuzi uyabika ukuthi umntwana unozibanibani usethombile ngoba nje esekulesigaba ucela bemubheke engabi umdlalo wabafana. bese kuthathwa inyongo ifakwe emanzini akazogezwa gwawo ekuseni lapho abazovuka beyogeza khona ezibukweni noma emfuleni. Uma sebebuya kogeza bayagida kuyenzeka begidele esibayeni noma ngenhla kwesibaya kodwa ayikho nje indawo ekhishwayo kuthiwe isigcawu somhlonyane noma sencekeza.
Yini Ukuphehla Umntwana Wentombazane?
Kwakuthi uma seyenziwe incekeza noma umhlonyana wayalwa umntwana kwenziwa konke kokumkhulisa izalukazi ezindala zazimthatha zimphehle. Ukumphehla kwakuyilapho kukhishwa khona igazi elincolile noma elishisayo ekufuneni ukwenza izinto zemikhuba njengocansi. Kwakuthathwa ubhaqa noma uphephe lwenkukhu belusebenzise lapho okumele belufake khona kuze kuphume lelogazi. Lelogazi kuthiwa laliqeda impene entombazaneni ikwazi ukulawula imizwa yayo.
Yini Umemulo
Umemulo umkhuba lapho uyise wengane ebonga umntwana wakhe ngokuziphatha ezekhole ngokwanele eyintombi nto. Ukumula njengamanje sokuba ngathi uwusiko kodwa mawuhlehla nomlando wawungesilo usiko futhi umuntu ongasiyo intombi wayengamuli angiphathike osezele ngisho ukuzala kwakuba ichilo elibi kakhulu lelo. Intombi nto yemuliswa uyise hhayi isoka layo njengoba manje sekubonakala ngathi amasoka asemulisa izintombi zawo;
Nakuwo umemulo izintombi ziyagonqa zicule amaculo okugonqa lawo maculo awaculwa noma yinini noma ubani ngoba amiselwe lezozikhathi zomemulo. Intombi ingena emgongweni izinsuku eziyisikhombisa, Uma ingena uyise wayo uyabika ukuthi nina basekutheni layikhaya sizokwenza umcimbi wokukhulisa usibanibani sibonga ukuziphatha kahle nokuzigcina kahle kakhe, kodwa manje seningamtholela isoka elizomlobola limganise hhayi okuzodlala ngomntwana. Sekuyothike ngosuku lokuphuma emgonqweni kubikwe ngembuzi, kubulawe inkomo kukhishwe umhlwehlwe yiwoke lo intombi esuke isina ngawo esigcawini. Umhlwehlwe nawo uwodwa uyakhuluma uma kumula umuntu ongasaphelele uyadabuka uhlukane kodwa uma kuyintombi nto uyaqoqana awudabuki futhi uyahlangana.