Inkezo kaZulu namuhla sithi kleza kogwansile lapho sikubhekela izinkinga zasekamelweni ezibhekana kakhulu nabantu besilisa bakuleli laseNingizimu Afrika. Ucwaningo lukhombisa ukuthi iningi labantu besilisa base mzansi banenkinga kwezocanzi lapho kukhalwa ngenduku ekhophozelayo uma kumele ivuke yenze umsebenzi, ukuzenyeza ngezitho zabo zangasese lapho abaningi beze bedlale izigebengu zithi zibadayisela imikhulisa nduku, inkinga yokungabanelisi abalingani babo lapho beshesha ukufika kuvuthondaba nabagcina bebizwa ngamaqhude.
Inkinga Yokungavukelwa
Ngenxa yezifo eseziyinsakavukela umchilo wesdwaba kubantu bankithi kuba nomthelela omkhulu ekukhinyabezeni umdlandla womuntu wesilisa egcine engasenamizwa nhlobo. Lenkinga iyibulele imizi eminingi ngoba abantu besifazane abashadile baze begcina benza amanyala okuhamba beyolahla umlenze ngaphandle bebuye endlini sebelala. Lenkinga igcine isikhanda ulaka nenhliziyo embi kubanto ngoba suke bedinwa isimo abasuke bebhekene nazo ngaleso sikhathi.
Izifo Eziwisa Induku Emadodeni.
Noma singeke sigxile kakhulu ekuchazeni lezifo ezihlasele ezweni lakithi eziqeda imizi yamadoda kodwa ukubheka ezimbalwa zazo. Isifo sikaShukela ( Diabetes ) : Lesi esinye sezifo esiyingozi kakhulu kubantu besilisa esiqeda imizwa iphele nya umuntu simuthena ephila sinjalo nje uma ungasinakile siyabulala. Izinso (Kidney disease): Izinso zithathwa njengenjini yomzimba uma kufe zona asikho isitho somzimba esizosebenza ngokukhululekile ngakho kubalulekile ukuthi zinakekelwe. Umhlume (Piles): Esinye sezifo esiyinkinga ngoba noma livuka kodwa uyashesha ukufika kuvuthondaba uma unomhlume, uhlala ukhathele nenkunzi ayivukike lapho kanye nokuhlale unomoya esiswini okukukhathaza kukuqede. Umdlandla Wegazi (BP): Ukucabanga kakhulu kuyayinyusa iBP nalokho okugcina kukuholele ekutheni imizwa iphele nya.
Inkinga Yokuzinyeza Ngenduku Yakho
Kungabe Usayizi Ubalulekile Yini Ocansini?
Kulesigaba kuhlukana imibono ngabantu kodwa ongoti bathi usayizi awusho lutho into ebalulekile ukukwazi ukusebenzisa lelogeja osuke uliphephe kuleyonsimu osuke uyilima ngaleso sikhathi. Into ebaluleke kunakho konke ukuqina kwenduku ukuzwe noyisebenzisa kuye ezoyilangazelela ngoba noma ingankulu uma ingenanandla futhi ikhophozela ngeke yakusiza ngalutho.
Bese kuba khona abathi kuya ngomuntu osuke uqondene naye kaleso sikhathi uma utholene nomahambebona usayizi uzoba inkinga enkulu kakhulu. Ngoba uma umkhulu ugeza ngobhavu kubanzimana nokho ukugezela endishini amanzi avele ephelele emoyeni wena ungakaqedi ukugeza.
Ukukhulisa Induku Kuyisixazululo Yini?
Kubalulekile ukuthi umuntu eneliswe yilokho akuphiwa uMvelinqangi ngoba ekugcineni akumele umuntu abe isigqila socansi. Ukukhulisa induku kungaba kuhle okwesikhashana usatholana nomahambebona asebemnkantshubomvu kwezocansi kodwa ukuhamba kwesikhathi uzozisola. Ucwaningo luveza ukuthi iningi labantu abakhulisile induku yabo ayiqini kahle nama isaqina kahle ekuhambeni kwesikhathi iyogcina ingasavuki nhlobo.
Yini Umvusa Nkunzi?
Umvusankunzi izindlela eziningi ezingakusiza ekutheni uhlale ungumqemane nasekamelweni ulima kahle. Kubalulekile ukuthi uqaphele indlela yezinto ozidlayo kanye nezinto oziphuzayo ngoba njengoba siphila nje singumthelela wezinto esizidlayo. Zikhona izimbiza imvusankunzi ethakwe ngamakhambi esintu kuphela engeke ibe nemithelela emibi emzimbeni ngokuhamba kwesikhathi. Kumele nakhona kwimivusankunzi uqaphele uma uphuza imbiza ikusize kodwa uphathwe ikhanda iyeke leyombiza ifakwe amaphilisi okuyinto eyokudalela inkinga ekuhambeni kwesikhathi.
Ubungozi Bamaphilisi Umvusankunzi.
Kumele sikuqaphele kakhulu bantu bakithi ukusebenzisa amaphilisi okuvusa inkunzi akuyilaphi neze inkinga esuke idala ukuthi ube nenkinga yokungavukelwa. Ngakhoke kumele siwagweme kakhulu amaphilisi ayimvusankunzi ngoba uzwa nje uphathwa ikhanda emva kokuwaphuza umzumba suke ubika ukuthi lento oyifakile iyangilimaza nokugcina kuyenza ibe nkulu inkinga obubhekene nayo yokungavukela ugcine ungakwazi ukwenza lutho ngaphandle kwawo lamaphilisi. Ekugcineni nawo agcina engasakusizi laphoke ususele nenkinga. Kanti amakhambi esintu alwa nenkinga evimba ukuthi inkunzi ivuke.