Ake sibheke kabanzi isifo umhlume noyingozi kakhulu empilweni.
Kubaluleke kakhulu uma uwumuntu ukuthi uwunakekele umzimba wakho, uphinde uqaphele konke okwenzeka kuwo. Umhlume abantu abaningi abawunaki uma usabaqala baze bewunake ngoba usumkhulu. Kanti lapho mhlampe usuke usudale omkhulu umonakalo emzimbeni kanye nasemizweni yakho. Kubalulekile ukuthi wazi ukuthi ngabe yini umhlume, izimpawu zawo umhlume zinjani, yini okumele uyigweme uma unomhlume, ngabe udalwa yini wona umhleme kanti futhi usumngakanani kuwe.
Asibheke izimpawu zomhlume
Izimpawu zomhlume ezijwayelekile kwabaningi kuvamise ukuthi umuthi ehlale enomoya esiswini, ezwizwe engathi kumele evakashele endlini encane kodwa mefika khona kungaphumi lutho. Omunye umzimba uhlala njelo ukhathele ingathi ungalala njalo ngokushesha. Omuhle uma esendlini encane abone kuphuma igazi laphoke suke usukhombisa ukuba mkhulu uma usunjalo. Ngobake sazi ukuthi yonke imithambo yezitho zomzimba ibika ekhanda, uze ugcinake usuzizwa unekhanda njalo elibuhlungu. Ingoba yonke imthambo suke ibika lenkinga esemzimbeni wakho.
Kubobonke ubulili kungaba ungowesilisa noma owesifazane uma umhlume usukhule kahle kuwe uyakuvala thaqa imizwa uma uyindoda ugcine usuyintondolo ngoba usuke usukuthenile. Uma ukuxolelile kancane wakwazi ukwenza inkonzo uthi ungena emnyango ube usha ngokukhulu ukushesha uyakhahlela. Emvakwalokho kuthombe okhiye ayisabuyeli esimeni umzimba ukhathele.
Yini okumele uyigweme uma uphethwe umhlume?
Kumele ugweme ukudla okunamaLow-Fiber lokho ukudla okunjenge sinkwa esimhlophe, irice elimhlophe, inyama eshisiwe, ushizi omningi no ice cream. Ukudla okubaba kakhulu, amasosi ababayo kanye nokudla okugqunye esipayisini kakhulu. Ukudla okunamafutha amaningi njengamaChips afrayiwe kanye nokuphekwe ngoteli omningi. Ukudla okunosawoti omningi njengamaChips kanye nezinye izidlo zokubamba umoya. Kumele ugweme utshwala, uma ubuphuza ungabuphuzi ngokweqile, iziphuzo zeykhuthazi mdlandla. Ukuqubula izinto ezisinda ngokweqile nakho kungakudalela lesifo.
Kumele udleni ukunciphisa noma ukugwema umhlume?
Kumele udle izidlo ezineFiber eningi njengezithelo, izitshalo, uklolweni noma yini kodwa enalokhu osekubaluliwe. Kumele uphuze inqwaba yamanzi ukuze ugcine umzimba wakho unamznzi lokho kuwusizo kakhulu. Kumele uzizocavoca kodwa ungazikhandli kakhulu wenze izinto ezilula njengokuhamba kanje.