ABANJWE NENYAMA AMASELA EMFUYO EMONDLO.

Amaphoyisa aseMondlo abophe abasolwa abane ngemuva kokutholakala nezidumbu zezinkomo ezine okubikwa ukuthi zebiwe esibayeni endaweni yaseMvunzini eMondlo ngoLwesine, zingama-28 kuLwezi wezi-2024.

Ngemuva kokubikwa kwalolu daba emaphoyiseni, ithimba elihlanganisa amaphoyisa eCrime Prevention and Community Service Centre, eliholwa abaseshi lenze umkhankaso endaweni yaseMadresini. Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso abasolwa abathathu batholwe benezidumbu ezine zezinkomo okusolwa ukuthi zebiwe.

Abasolwa, abaneminyaka engu-27, 38 no-39 ubudala, bazovela eNkantolo yeMantshi yaseVryheid namuhla ngamacala okutholakala nezinsolo zokweba izinkomo kanye nokweba imfuyo. Noma kungacaci kahle kodwa kubukeka sengathi lamasela azidayisela amabhusha aseduze lezinkomo.

Kunxuswa nabo abamashisa nyama ukuthi beyihloniphe imisebenzi yabo begweme nezindlela ezisheshayo zokwenza inzuzo ngoba nabo bengagcina bekhalelwe amasongo kasgonyela ngoba lezenzo zabo zokuthenga emaseleni kugqugquzela ubugebengu kubebi bemfuyo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *