LIHLEHLILE ICALA LABASOLWA NGOKUBULALA UMCULI AKA.

Lihlehlile icala labalisa abahlanu abayamaniswa nokubulawa kukamnumzane Kiernan Jarred Forbes obedume kakhulu ngo-AKA, nokuyigama abekade ezibiza ngalo emculweni. Aka wayengumculi weHip Hop lapha eNingizimu Africa. Labalisa bebevele eNkantolo kaMantshi yaseThekwini namhlanje 29 November 2024, ngalo lelicala lokubulala AKA no Tebeloo Motsoane (Tibz).

Labasolwa abahlanu amagama abo nguLindokuhle Thobani Mkhwanazi (30), Lindani Zenzele Ndimande (35), Siyanda Eddie Myeza (21), Mziwethemba Harvey Gwabeni (36) kanye noLindo Ndimande (29) abathweswa amacala okubulala, ukububala uForbes, ukubulala Motsoane, ukutholakalanesibhamu esingekho emthethweni, ukuhloma ngezinhlamvu bengagunyaziwe kanye namahlane okuzama ukubulala. Kuphindwe kwengezelelwa ngamabili ngaphezulu okushushumbisa imali ngokungemthetho.

Kuzokhunjulwa ukuthi ngoNhlolanja (February)2023, kwadutshulwa kwabulawa uForbes no Motsoane kwenye yezindawo zokudla esemgwaqeni uFlorida ngaphandle nje kancane nenkaba yeTheku. Emva kokuqulwa kwecala namhlanje kube sekuphuma isinqumo sokuthi liyahlehla icala, nalapho lihlehliselwe unyaka ozayo, lapho liyoze libuyele enkantolo ziyi 7 Frebruary 2025.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *