IBAFANA BAFANA ISINGENILE KWI AFCON

Iqembu likanobhutshuzwayo lakuleli laseNingizimu Africa (Bafana Bafana) isingenile emaqenjini azokwazi ukudlala umqhudelwano wamazwe ase-Africa owaziwa nge-AFCON 2025. Lokhu kwenzeke ingakadlali ngisho umdlalo wayo okusasa lapho beyodlala kona neqembu lase Uganda ngehora lesithathu ntambama enkundleni iMandela edolobheni iKampala, Uganda. Lokhu kwenzeka emva komdlalo obuphakathi kweSudan neCongo Brazzaville lapho iSudan inqobe ngamagoli amathathu kwamabili eCongo Brazzaville lokho okwenze iBafana Bafana idlulele phambili emqhidelwaneni ingakadlali.

Eqoqweni likaK iUganda ehleli phezulu ilandelwe iBafana Bafana lokho kubenza bobabili bedlulele phambili, lapho bengenele umqhudelwano weAFCON 2025. Limiphumela ibeke umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos endaweni enhle kakhulu ngoba esebe umqeqeshi wokuqala ukuqeqesha iBafana ikwazi ukungenela lomqhudelwano amahlandla amabili kulandelana. Lokho kukodwa kuwumlando omkhulu ebholeni lakuleli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *