OKLEBE BABOPHE ISEKELA MQONDISI NGOKUKHWABANISA.

UMmapitsi Virginia Seate (51), oyisekela lomqondisi eMnyangweni wezemisebenzi yomphakathi nemigwaqo eNorth West, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMmabatho ngoLwesithathu, 13 November 2024, ebhekene namacala angu-45 okukhwabanisa.

U-Seate uboshwe namhlanje ekuseni ngamalungu ophenyo oluzinze eMahikeng lweSerious Commercial Crime Investigation. Ukuboshwa kwakhe kulandela izinsolo zezenzo zokukhwabanisa lapho efaka izicelo zokusebenzisa imoto yakhe yangasese ohambweni olusemthethweni. Lezi zinsolo zilethwe koKlebe yikhomishini yezemisebenzi kahulumeni (PSC)

Phakathi kukaFebhuwari 2023 noNovemba 2023, uSeate, ngesikhathi eseyiphini likamqondisi eMnyangweni wezokuhlaliswa kwabantu eNyakatho Ntshonalanga, kusolakala ukuthi wafaka izicelo zohambo olusemthethweni ayeluthathe ezindaweni ezahlukene eNyakatho Ntshonalanga naseSifundazweni saseGauteng. Kubikwa ukuthi uMnyango ukhokhele abasolwa imali engaphezu kuka-R119 000 00 ngezicelo ezifakiwe.

Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo kuvele ukuthi ummangalelwa akakaze aye ezindaweni ezishiwo emafomini okufaka izicelo. Uphenyo luphinde lwathola ukuthi imoto yakhe yangasese yayiseMahikeng ngezinsuku ayethi waya kuzo ezindaweni ezahlukene.

USeate uvele kafushane enkantolo wadedelwa ngebheyili ka-R5000,00. Udaba lwakhe luhlehliselwe umhla zi-2 kuZibandlela wezi-2024. Ibamba leNhloko yesiFundazwe saseNorth West yoPhiko lwe-Directorate for Priority Crime Investigation, uBrigadier Silas Munzhedzi kanye noMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi eNorth West, uDkt Rachel Makhari bakwamukele ukuboshwa nokuvela kommangalelwa enkantolo. Bafunge bagomela ukuthi bazoqinisa ukubambisana nokusebenzisana ekunyatheliseni igunya lombuso kanye nokuqinisekisa ukuthi izikhulu zikahulumeni ezikhohlakele zilethwa enkantolo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *