Isikhulu samaphoyisa esiqaphile eRamatlabama Port of Entry, siholele ekuboshweni kwezikhulu ezintathu zamaphoyisa, uTshepiso Theresa Boikanyo (45), Keorapetse Aubrey Molefe (44) noTshedimosetso Bridgette Nku (22) oxhumene neVehicle Crime Investigation Unit (VCIU) eLehurutshe, eNyakatho Ntshonalanga.
Bavele eNkantolo yeMantshi yaseLehurutshe.
Wonke lamaphoyisa avele eNkantolo yeMantshi yaseLehurutshe ngoLwesithathu, ngamacala enkohlakalo babe sebenikezwa ibheyili ka-R500.00 umuntu ngamunye.
Ukuvela okulandelayo enkantolo kuzoba ngoMsombuluko, 9 December 2024. Ukuvela kwabo enkantolo kulandela ukuboshwa kwabo ngasekuqaleni kosuku olufanayo (ngoLwesithathu, zingama-30 kuMfumfu wezi-2024) ngamalungu oPhiko Lwesifundazwe Lwe-SAPS Lokulwa Nenkohlakalo.
Kusolakala ukuthi labasolwa bathatha intshontsho lokwenza izitifiketi.
Noma uphenyo lusaqhubeka lwalabasolwa, kodwa kusolwa ukuthi abasolwa bathole inkokhelo yokukhipha izitifiketi zokugunyazwa kwezimoto lezimoto ezimbili ezebiwe, iToyoya Hilux emhlophe neVolkswagen Polo esiliva. Ngesikhathi lezi zimoto zimiswa eRamatlabama Port of Entry (PoE), iphoyisa eliqaphile labona ukuthi lezimoto zinikezwe imvume ye-SARPCCO, kodwa izimoto zaphazanyiswa.
Ngoba vele lezi zimoto besezivele sezishaqiwe kanti isigameko sabikwa ophikweni olulwa nenkohlakalo kwaSAPS okuholele ekutheni kuboshwe laba abathathu.
Ukukhishwa kwezitifiketi kumahala ezikhungeni ezifanele.
Umphakathi ukhunjuzwa ukuthi ukukhishwa kwezitifiketi zokugunyazwa kwe-SARPCCO zezimoto (ezidingeka lapho zeqa imingcele) noma ezinye izitifiketi zokugunyazwa kwezimoto ezikhishwe uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika, futhi kuwusizo olunikezwa mahhala. Noma ubani obekumele akhokhele lezi zinsizakalo uyacelwa ukuthi axhumane namathimba alwa nenkohlakalo