Ngoba selumenyezelwe usuku lokuyothandaza esgodlweni eNyokeni kwaNongoma, okwenziwa ibandla lamaNazaretha, kulindeleke ukuthi kuphume nesnedolo. Abafundisi bebandla bawuhlaba bawulawula kuvalwa umhlangano waseJudiya,eGingindlovu ukuthi bonke abantu abaphelele esgodlweni eNyokeni.
Lomthandazo waqala ukwenzeka ngo2013 kusekhona iNgonyama yamaZulu ekhotheme uBhejane phuma esqiwini. Lapho uNyazi lwahambisa lomthandazo osuwenzeka minyaka yonke manje. Okuthe makuhlala iNdlulamithi yamakhosi akwaZulu yaqhubeka ezinyaweni zikayise ngalomthandazo eyawenza okokuqala yona ngo26- 27 Novemba 2022.
Kulomthandazo kuqalwa ngenkonzo yeSabatha lapho abafundisi benikwa ithuba lokupha umphako wendlebe izihambeli ezisuke zithamele umcimbi, lapho kusuke kukhona amalunga asendlunkulu, amabutho kaZulu kanye nezikhulu zombusazwe ezisuke ziyizimenwa.
Kulonyakake lomcimbi uhluke kakhulu kuneminye ngoba ngenyanga kaJune 2024, uNyazi lwalusemhlanganweni kakhiye wamaNazaretha wahamba wayobhabhadisa iSilo samabandla esgodlweni kwaKhangela khona endaweni yakwaNongoma. Okusho ukuthi kulokhu lomthandazo uyobe uze koNgangezwe lakhe oseyilunga ngokugcwele walelibandla.
Kucelwe ukuthi kungasali muntu emakhaya kulokhu ngoba lomcimbi ozoba ngenyanga kaNovemba ngomhla ziyi16 kuya kwi17 kuwo lonyaka esgodlweni eNyokeni, kwaNongoma. Uzobe ungomkhulu kakhulu emlandweni kaZulu kanye nebandla lamaNazaretha.