IJAZI SELIGCWALE UMOYA KUMQEQESHI WEMAN UNITED.

Umqeqeshi weqembu laseNgilandi iManchester United usekhonjwe indlela emva kokungenzi neze kahle kuleliqembu. Lensizwa engeyokudabuka ezweni lamaDashi (Netherlands) ihluleke yancama ukubuyisa isithunzi kanye nempumelelo yokunqoba izinkomishi edume ngakho.

Namhlanje ekuseni ngoMsombuluko 28 kuMfumfu 2024, uvuke nezindaba ezithi akaphume ephele e-Old Trafford emva kweminyaka emibili nohhafu eqhoqhobele izintambo zokuba umqeqeshi weqembu leMan U. Lokhu kulandela umdlalo wakhe wokugcina obuyizolo esgabeni sePremier League lapho akabhaxabulwe kabuhlungu iqembu leWest Ham United.

Lokuhlulwa kwenze iqembu loSathane Ababomvu belale i14 etafuleni lomqhudelwano wesicoco seLig, lokho kubashiya beshoda ngamaphuzu ayisikhombisa ukuthi bengene esigabeni sokukwazi ukuyodlala soMpetha bamaqembu kumazwe aseEurope (Champions League). Bebesanqobe imidlalo emithathu yeLigi emva kwemidlalo eyisishiyagalolunye, bese ibamine abayinqobile kwiyo yonke iminciniswano nokungesizo izindaba ezinhle eqenjini elinabalandeli abaningi umhlaba wonke njengaleli leManchester United.

Ozobamba izintambo okweskhashana omunye umlisa oyiDashi nowayengumgadli waleli qembu uRuud Van Nistelrooy. UVan Nistelrooy wadlala imdlalo engama-219 amasizini amahlanu kuleliqembu. Akukapheli nezinyanga ezine ebuyisiwe kuleliqembu ukuzosiza u-Erik Ten Hag njenge sekela mqeqeshi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *