Kugxekwa kakhulu ukubulawa kwakamuva okungenangqondo nokunyantisayo kwentombazane encane engenacala, u-Amantle Samane (6), okusolakala ukuthi yadlwengulwa yaklinywa yashona e-Orlando, eSoweto.
Kubikwa ukuthi u-Amantle wayedlala nezinye izingane ngesikhathi umsolwa embizela emjondolo abewuqashile kwenye yezindlu e-Orlando. Umsolwa kuthiwa udlwengule wabulala intombazane emjondolo.
Umphakathi uyakwamukela ukuboshwa komsolwa, uPethe Sara Simiao (24), ongowokudabuka eMozambique okuqinisekisiwe ukuthi akukho emthethweni ezweni lakuleli. Uboshelwe ukudlwengula nokubulala u-Amantle e-Orlando East. USimiao uzovela okokuqala eNkantolo yeMantshi yase-Orlando kusasa.
Abasebenzi bohlelo lwezobulungiswa bobugebengu bazoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuze baqinisekise ubulungiswa kubo bonke abahlukunyezwe yilawa macala amabi.