IMIDLALO YESIGABA SE16 YECARLING BLACK LABEL CUP.

Ompetha bangonyaka odlule badlale kahle izolo ngolwesihlanu kusihlwa ngoba bekwaze ukushaya AmaZulu FC ekuhambeni. IStellenboch FC sinqobe ngamagoli amabili kwelilodwa, lapho igoli lokunqoma balithole emzuzwini eyengeziwe( extra time). Umgadli wamaStellies uDe Jong ube iqhawe ngokuvalela igoli labo lokudla iqembu lasekhaya.

Kweminye imidlalo eqhubekayo namhlanje umdlalo onhekwe kakhulu ngabomvu oweqembu laseSoweto iOrlando Pirates FC lapho ezobe incweka khona nomakoti bePSL okuyiMagesi FC ngehora lesithathu ntambama esgodini sikamaminzela okuyi Orlando Stadium. Khona namhlanje izakhamuzi zaseKapa okuyi Cape Town City Fc izodlala neqembu laseKZN eselizinze eMgungundlovu iRoyal AM Fc enkundleni yezemidlalo i-Athlone khona eKapa. Kuthi makubumbana ihora lesithupha ntambama abafana baseBrazili okuMamelodi Sundowns Fc betholane bezolu naBafana besthende okuyi Lamontville Golden Arrows enkundleni iLucas Moripe, kuthi ngehora lesishiyagalombili iPolokwane City FC idlale neMarumo Gallants FC enkundleni edume kakhulu eLimpopo i-Old Peter Mokaba.

NgeSonto, 20 October2024, iyaqhubeka imidlalo yendebe iCarling Black Label Cup, lapho umdlalo ozobe ubhekwe ngabomvu owabafana bokuthula noxola iKaizer Chiefs Fc nalapho ezobe ivakashele amansansansa asePitoli okuyiSupersport United FC lomdlalo uzoba ngehora lesthathu eNew Peter Mokaba Stadium, bese iTs Galaxy Fc izovakashelwa iChippa United FC eMbombela Stadium, eMpumalanga. Lemdlalo yomkhumula jezi yesgaba seshumi nesthupha izovalwa umdlalo eNatal Rich Boys okuyi Richards Bay Fc ezodlala neSekhukhune United Fc enkundleni yezemidlalo iKing Zwelithini eMlazi ntambama kugamenxe ihora lesihlanu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *