Amaphoyisa ashaqe izingubo zomgunyathi ezisezingeni eliphezulu ezibiza ngaphezu kuka-R15 million ngesikhathi somkhankaso obuseThekwini CBD ngoLwesine 17 October2024,ekuseni.
Ithimba elibhekelele izinto ezingekho emthethweni, ezomgunyathi kanye nezimpahla ezingekho emthethweni liqoqe ubuhlakani bokuthi kunezitolo ezisemgwaqeni Dkt Prixley kaSeme endaweni yasePhoyinti eThekwini ebezidayisa izinto zomgunyathi. Amaphoyisa athole izincwadi ezigunyaza ukuseshwa kwezitolo eziningi ezigasele ngoLwesine, nokuholele ekutheni kutholwe futhi kuthathwe izingubo zomgunyathi, amawashi nezinye izinto ezinkulu.
Okungenani abasolwa abane sebeboshiwe kulo msebenzi osaqhubeka. Bonke abasolwa bangabokufika kanti isimo sabo kuleli besingakaqinisekiswa. Uma sebecutshunguliwe abasolwa bazoyiswa enkantolo.