LIPHUME NGEBHELIYI IPHOYISA KWELOKUBULALA.

Liphume ngebheyili iphoyisa ebelivele enkantolo kaMantshi yaseBooysens uConstable Khanyile Mkhontwane,oboshelwe icala lokubulala nokuzama ukubulala. Lokhu kwenzeka ngeskhathi kunokudubulana okwenzeka mhlaka 9 June 2022. Ukhishwe ngebheyili kaR10 000, eboshelwa ukubulala Nethevivho Nhassego waphinde wazama ukubulala uAndrea Zacaria.

Ngosuku lwesigameko, uZacaria wayeshayela imoto nalapho akama khona erobhothini, elalisekhoneni lomgwaqo uHey noTurf Club eTurfontein. Nalapho akezwa kuqhuma isibhamu okwathi mebuyisa umqondo wabona ukuthi bayadutshulwa. Wabe esebona uNhassego opha ekhanda futhi ekhombisa ukuthi uphelelwa amandla, uZacaria yena wadutshulwa esiswini. Kwabizwa abosizo lokuqala, abathi mebefika babika ukuthi uNhassego useshonile, babe sebephuthumisa buZacaria esbhedlela iBharagwana.

Emva kophenyo olwenziwa uphiko lwamaphoyisa aphenya amacala ahlobene namaphoyisa(IPID), kwavela ukuthi uMkhontwane uyena umsolwa. Iphoyisa uConstable Mkhontwana wabika icala lokuzama ukuduna imoto eBooysens Police Station. Waqhubeka wathi abagilwa yibona abamkhomba ngesibhamu. Uphenyo lweIPID lwathola ukuthi akukho sbhamu esatholakala kuNhassago beno Zacaria futhi babesendleleni eya ekhaya bephuma emsebenzini ngeskhathi bedutshulwa. Emva kophenyo icala ladluliselwa kumqondisi wophiko lokushushisa amacala omphakathi( Director of Public Prosecutions DPP) , kwathi emva kolwabo uphenyo iDPP yanquma ukuthi uConstable Mkhontwane kumele ebekwe amacala elokubulala nokuzama ukubulala. Icala lihlehliselwe umhlaka 18 November 2024.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *