BAGWETSHIWE ABAHLASELA ISITESHI SAMAPHOYISA ENGCOBO.

Inkantolo ephakeme eMthatha igcine ibagwebe bonke abasolwa abangena esteshini samaphoyisa badduna baphinde babulala amaphosiya esteshini. USiphosomze Tshefu ongaziwa iminyaka, Kwanele Ndlwana(28), Andani Monco (36) kanye noPhumzile Mhlatywa(51) lapho bethweswe khona amacala amahlanu okubulala, amabili okuzama ukubulala, nenqwaba yamacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, namanye abacala okubamba inkunzi kanye nokugqekeza imizi yabantu ngenhloso yokweba.

Omunye uzakwabo ababoshwa naye onguSiphesihle Tatsi ongaziwa iminyaka yena yagwetshwa iminyaka eyi18 ebhadla ejele kanye neminye iminyaka engama 241 okayoyidonsa emva kokuthi yena elivume icala ngo 27 July 2023. Ngezi 21 February 2018 kwabulawa amaphoyisa amahlanu ayesebenza esteshini samaphoyisa eNgcobo, esfundazweni saseMpuma Koloni, maqede kwathathwa izibhamu zawo. Lapho kwakuhlasela isteshi samaphoyisa kwatshotshwa izibhamu kanye nezinhlamvu, kwathathwa neveni lamaphoyisa. Babe sebeqhubeka abasolwa bazama ukuqhumisa umshini wemali wakwaCapitec Bank.

Ngomkhondo awuthola amaphoyisa wawaholela ekuboshweni kuka Monco,Ndlwana, Tshefu,Mhlatywa kanye noTatsi bonke labalisa babesonta esontweni iMancoba Seven Angels. Owesikhombisa yena washona bedubulana namaphoyisa ngaphambi kokuthi beyohlasela isteshi samaphoyisa. Labasolwa lokho babhadla ezitokisini kusukela bebanjwa beboshwa. Emva kokugwetshwa kukaTatsi nge 27 July 2023, laba abane baqhubeka necala labo enkantolo nalapho elabalahla khona ngo17 May 2024. Izigwebo zabo sezihlehle kaningana okuthe namhlanje nge16 October 2024 inkantolo enkulu yaseMthatha yabagweba.

UMonco uzodonsa iminyaka engamashumi amathathu nanhlanu 35 kanye nodilikajele abahlanu, Mhlatywa uzodonsa 25 weminyaka nodilika jele abahlanu, Ndlwana nyena zodonsa 40 weminyaka nodilikajele abahlanu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *